Usana olusanda kuzalwa lutholwe lushonile eceleni komgwaqo ku-Aloe Drive eWaterloo, eVerulam esesifundazweni sakwaZulu-Natal namhlanje ekuseni (ngoLwesine).
Owesifazane okuyena obone lengane elahliwe ube esethinta ezokuphepha ekuseni ngezithuba zabo-07:47. Azipholisanga masekho nezokupjepha okungamaphoyisa nezinhlangano zonogada basendaweni baphuthuma ukuyohlonza isidumbu somntwana.
Inkaba kanye ne-placenta kutholwe kunamathiselwe lapho kuhlolwa ingane eshonile. Ingane ibonakale igcwele phakathi esikhwameni sikadoti esimnyama kanye nephakethe elimhlophe . Kukholakala ukuthi inja yaklebhula amaphakethe yahudulela ingane eceleni komgwaqo, kodwa lokhu akuzange kuqinisekiswe ngokushesha.
Indawo okutholwe kuyo iqhele ngamamitha angama-300 ukusuka e-Waterloo Clinic e-Waterloo – KZN.