KUTHOLAKALE IMOTO EYATSHOTSHWA EMNYAKENI EYI14 EDLULE.

Indoda eneminyaka engamashumi amathathu nanye kulindeleke ukuthi ivele enkantolo kaMantshi eAmsterdam kusasa ngoMsombuluko, 26 kuNhlolanja 2024,ngecala lokutholakala nemoto eyebiwa kudala. Lomsolwa uboshwe ubumbano lwamaqembu amaphoyisa aseNerston kanye neMahamba boarder abaphoyisa eNerston Ports okuyindawo yokungena emnceleni,ngeSabatha,24 Nhlolanja 2024.

Kubikwa ukuthi lelithimba lamaphoyisa ebelibheka izimoto libe selivala iToyota Corolla emhlophe base bebheka ukuthi isabela kubani emabhukwini. Okuvelule ukuthi iNobholo yobulungu bemotho (vehicle identification number VIN) ebifakwe kwidiskhi yemoto ayiqondani nalena etholakala rmzimbeni wemoto.

Kube sekuqhubezwa uphenyo lapho okucubungulwe yonke imininingwane okuthe imiphumela yatshengisa ukuthi imoto yabikwa ukuthi yatshotshwa eKomani (Queenstown) esifundazweni saseeMpumalanga Koloni ngoZibandlela 2010. Ube esekhalelwa amasongo kasgonyela khona lapho umshayeli nokulindeleke ukuth evele enkantolo ngoMsombuluko. Amaphoyisa athe njengamanje awakaqinisekisi ukuthi azokwengezela amanye amacala phezu kwaleli lokweba imoto,ngoba uphenyo lusaqhubeka.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *