Kulindeleke ukuthi namhlanje phakathi kwamabili kunyuke intengo kapetrol nodiesel lokho okungesizo izindaba ezimnandi njengoba izwe likhungathwe ukwentuleka kwemisebenzi kanye nesimo somnotho esilele bhu phansi. Upetrol kulindeleke ukuthi unyuke wonke ngezigaba zawo okuyi (93 kanye ne 95) ngamasente angamashumi ayiskhombisa nanhlanu (75c) ilitha, lokho okuzokwenza ukuth izifunda ezikude nogu njengako Gauteng lowe 95 unleaded petroli ube R23.24 ilitha ngayinye bese kuthi ezindaweni ezisogwini ube R22.52 ilitha.
Kuma Wholesale kapetroli kulindeleke ukuth unyuke ngamasente angamashumi ayiskhombisa kuya kwangamashumi ayiskhombisa nantathu kusukela ngolwesthathu lolu lwakusasa,bese abahlala kude nogu ilitha yabo kadiesel ibe R21.36, kwabahlala ezindaweni ezisogwini inyuke khona ibe R20.64. Intengo yasewholesale kuparafini nakhona izonyuka ngamacente angamashumi amahlanu nantathu(53c) ilitha, bese intengo yabadayisi lweLP gas inyuke ngamacent angamashumi amathathu neskhombisa (37c) ikhilo.
Lokunyuka kwamanani kwezokumbiwa kudalwe indlela yokubiza kwamafutha emhlabeni wonke jikelele nanokuthike irandi livele libe buthaka kakhulu uma liqhathaniswa nedola laseMelika. Intengo kawoyela ongahluziwe inani lawo linyukile lisuka $77.35 umphongolo kuya ku$82.03 kulezinyanga ezedlule. Umnyango wezokumbiwa phansi nezamandla ukubalulile ukuthi kungenxa yokuhlaselwa kwemikhumbi olwandle olubomvu, nalokhu okugcina kwenza inkampani yemikhumbi ukuthi ishintshel umzila ebihamba ngawo ithathe oomunye iCape of Good Hope. Yikhoke okugcine kunyusa izindleko zokuthutha amafutha ngoba lomzila okuhanjwa ngawo manje mude kakhulu. Kulaphoke nerandi lilokhu libuthakathaka kusukela ngenyanga edlule ngoba likoR18.66/$ kuya R18.77.