ETsakane iqembu lemigulukudu elidume ngokufaka ilambu elibuhlaza phezulu nabaziwa ngaBlue Light Gang babambe abalisa ababili ebebehamba nowesifazane babaduna imoto. Kanti ababuzanga elangeni amaphoyisa abheka imigwaqo emikhulu aseduze kanye nenkampani yonogada, babe sebehlangana kwahujwa lezigebengu emgwaqeni uR550 eSuikerbosrand,eseHeidelberg.
Okuthe uma ezakwasidlodlo sezisondela eduze kulemoto, izigebengu ziphume zashiya imoto yazo nalapho bezizama ukubaleka ngezinyawo zibe zidubula zibhekise emaphoyiseni. Kulokho kudubulana okube khona abaphathi bomthetho bayifake enyameni inhlamvu kwashona isigebengu esisodwa. Kwathi laba abasele bakwazi ukuphunyuka nalapho babalekele emgwaqeni owuthela wayeka owaziwa ngoN3.
Amaphoyisa esebheka endaweni abadubule khona omunye, bafice imikhono yekati emibili nokukholakala ukuthi eyayo lemigulukudu.Abaphenyi bathole ukuthi lezigebengu zidabuka ezweni laseMozambique kodwa okwamanje bahlala elokishini laseGoli iSoweto.
Lezigameko ezikanje zifaka itwetwe emiphakathini ngoba abantu bagcina bengasazi noma sekungamaphoyisa angempela abamisayo ngenxa yokwanda kwezimoto zelambu elibuhlaza phezulu njengezama phoyisa. Lokho okugcina kufaka insalelo kumaphoyisa kanye nonogada ukuthi besebenze kanzima ukuze kuboshwe yonke lemigulukudu engamaphoyisa mbumbulu.