KUSHONE ABABILI ABASOLWA NGOKUDUNA IZIMOTO EZITHWALA IMALI IZOLO KWA U EMLAZI.

Abalisa ababili okusolwa ukuthi bayabandakanyeka ekudunweni kwezimoto ezithwala imali badutshulwe bashona izolo kusihlwa,emva kokuthi bazame ukudubula amaphoyisa ngesikhathi ezobabopha,lesigameko senzeke elokishini laseThekwini egxenyeni eseningizimu nelaziwa ngoMlazi esiyingini yakwaU.

Ithimba leThekwini District Ttacking Team,libambisene noKlebe (Hawks) bebephenya ngesigameko sokudunwa nokutshotshwa kwemali. nalapho unogada wemali wabhozwa abasolwa abathathu bamphuca yonke imali engakadalulwa isamba says bajike bathatha nesbhamu sakhe akasebenza ngaso ngeskhathi ephuma estolo eSphingo okuyilapho wayeyolanda khona imali. Labasolwa bathi sebethathe imali ngaphambi kokuthi bebaleke bavulela ngemvula yezinhlamvu nalapho owesifazane wathelwa amachaphazela ngoba wadubuleka walimala.

Loluphenyo olunzulu olwenziwa abakwasidlodlo umkhondo owawuhogelwa amaphoyisa omkhondo ubaholele endlini thizeni eMlazi, lapho abafike babhadama abalisa ababili phakathi kulendlu babakakela khona. Abasolwa ababuzanga mkhuhlane bavele badedela izulu lezandla bebhekise kwezakwadalawane,namaphoyisa awapholisanga maseko aphindisela okugcine sekwenza lizinsizwa zadubuleka kabuhlungu nalapho ezendele khona kwelamathongo. Amaphoyisa abe esethola izibhamu ezimbili kulamadoda. Alikho nelilodwa iphoyisa elilimele kulokhu kudubulana. Abasolwa ababili bakwazile ukubaleka okuyimanje basagcwele amathafa .

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *