KUSABOSHWE UMSOLWA OYEDWA KWABAQOTHA ABANTU NGENHLAMVU EMCIMBINI ESTCOURT.

Amaphoyisa akuKwaZulu-Natal abophe umsolwa oyedwa kanti asathungatha okungenani abanye abahlanu mayelana nokubulawa kwabantu abane kanye nelokuzama ukubulala umuntu oyedwa endaweni yaseNyezane e-Estcourt ngeSonto ntambama, zingama-27 kuMfumfu wezi-2024.

Ulwazi olutholakala kulesi sigaba luveza ukuthi abasolwa abayisithupha, abebefihle ubuso babo ngezifihla-buso bephethe izibhamu nezibhamu, bangene emzini obekunomcimbi wesintu bavulela ngenhlamvu bebhekise kubantu abebejabulela le mikhosi.

Izisulu ezintathu zishonele endaweni yesigameko kwathi ezimbili zaphuthunyiswa esikhungweni sezokwelapha lapho oyedwa washona khona. Izisulu ezishonile zineminyaka engu-45,57,60 no-61 ubudala.

Uphenyo oluqhutshwa ubuhlakani obusheshayo olwenziwa abaseshi bamaphoyisa ase-Amangwe lubaholele esibhedlela lapho kuboshwe khona umsolwa oneminyaka engu-28 ubudala. Umsolwa ubenenxeba lokudutshulwa esifubeni kanye nengalo ephukile endaweni yesigameko waphuthunyiswa esibhedlela abehamba nabo. Kusazotholakala uma eshaywe wumlilo wabangani noma omunye eziphindiselela endaweni yesigameko.

Isizathu salokhu kubulala kusewuphenyo lwamaphoyisa, nokho kunezinsolo zokuthi lesi sigameko kungenzeka sihlobene nokwebiwa kwemfuyo ngoba abashonile bebengamalungu eCommunity Anti-Stock Theft Group.

Umsolwa oboshiwe uzovela enkantolo uma eseluleme futhi esekulungele ukubhekana necala. Kunxuswa noma ngubani ongaba nolwazi mayelana nokuthi abasolwa abasele bakuphi ukuthi athinte isiteshi samaphoyisa esiseduze

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *