Amaphoyisa aseGoli eSoweto asesebenze omkhulu ukuvimba imigulukudu ebihlome iyizingovolo lapho beyithi iduna imoto yemali kanti ayibuzanga elangeni ukuth namuhla kunamuhla, bavele bazithela kwizimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili nalapho okuthe izigebengu ezimbili ziphoqeleke ukuth ziyolusa amadada khona lapho ngeskhathi sokudubulala namaphoyisa. Lesisenzo sesiholele ekutheni uphathi wamaphoyisa ezweni lokhe lasenNingizimu eseAfrica uGenene Masemola ewasheyele elikhulu ihlombe lamaphoyisa okwaze ukuth elibambelishisa.
Lobugebengu kubikwa ukuth kwenzeke ntambaba eDobsonville eseSoweto khona lapho kwanyama kaypheli kuphela amazinyo endoda, nalapho kubikwa ukuth abakwasidlodlo besebezilandela ngomkhondo lezinswelaboya emva kokuthi kube khona obaluma indlebe ngalesisenzo. Uphiko lwamaphoyisa olubhekele khona ukudunwa kwezimoto ezithutha imali ngezikhathi nje 17:30 ngosuku lwesithathu kuNhlolanja 2024 beselwazi ngalaba abahlela ukweba imali, nebala abe esebabela khona eDobsnville lapho obekuhlelwa khona ukuth izoqhunyiswa kanjani lemoto yemali. Bathe befika esndaweni yesigameko bazithela emvuleni yezinhlamvu lapho izigebengu ezivele zadubula zona kuqala zibhekise kwezikadalawane namaphoyisa awabange esapholisa maseko aphendula nawo ngezawo izibhamu nalaphoke abasolwa ababili bavele basala enkudleni.
Amaphoyisa athole izinganono eziyingozi kakhulu kulemgulukudu lapho kubalwa khona AK 47 kanye nomjojantaba iR5 kanye nezimoto ezintathu okubonakala ukuth yizona ezisetshenziswayo uma kuqhutshwa lobugebengu asuke bebenza. Ugenene wamaphoyisa uMasemola uthe amaphoyisa asazoqhubeka nokulwa nalemgulukudu ebamba inkunzi kuhlonyiwe izimoto ezihambisa imali ezweni ” Ocwephesha bophiko lwetho elingongoti ekulweni nobugebengu lugcwele inkalo zonke zibheka izigebengu, ngeke futhi siphathe nemigulukudu ngalokhuke kubili withina noma izona eziphumelelayo kodwa ngeke zincengwe. Sizoqhubeka ngokuzikhandla ukuqinisekisa uzinzo nokuphepha emphakathini yakithi”