KUQOPHEKE UMLANDO ESIZWENI SAKWAZULU NEBANDLA LAMANAZARETHA.

Kube impelasonto enkulu izolo esifundazwe saKwaZulu-Natal kalandela ukuthi kuqopheke umlando ongakaze wenzeke eNingizimu Afrika nasesizweni samaZulu, njengoba uShembe ubebhabhadisa iNkosi yesizwe samaZulu ngesonto 09 June 2024,kwaNongoma. Kulokhu kwaqala ukubunjwa kwesizwe samaZulu kusuka eSilweni sokuqala uShaka Zulu kaSenzangakhona ilembe eleqa amanye amalembe ngokukhalipha kuze kufike kwiSilo Zwelithini Zulu kaBhekuzulu uBhejane phuma esqiwini kade uvalelwe asikho isilo esake sabhabhadiswa ngokwenkolo kuqala nqa ngeSilo uMisuzulu Zulu kaZwelithini indlulamithi yamakhosi akwaZulu.

ISilo eskhotheme sibe nobudlelwano obuhle kakhulu neNkosi yamaNazareth uNyazi lweZulu. Bazokhumbula abaningi ukuthi uNyazilwezulu luhambise imikhuleko eminingi esigogweni koNgangezwe lakhe nokwakuthakaselwa kakhulu iSilo uMdlokobhane. Kanti akuphelelanga lapho noMdlokombane behambela izinkonzo zebandla lamaNazaretha ikakhukazi uma benyukela eNtabeni befika naye entabeni ezokhulekela isizwe sikaZulu kanyenamaNazaretha.

Okuthe emnyakeni eyedlule uMdlokombane engakakhothami iSilo iNdlulamithi sisengumntwana sakhetha inkosi yamaNazaretha uNyazilwezulu nalapho owayezihlanganisa khona nenkolo yobuNazaretha. Lokhu obesekwenzeka kulempelasonto kube ingqophamlando jikelele esizweni sakwZulu njengoba kubhabhadiswe isilo samaZulu. Ukubhabhadiswa kuqinisekisa ubulunga obuphelele ebandleni lamaNazaretha aseBuhleni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *