KULINDEKE UKUBA ATHULE IZIBALO ZOBUGEBENGU IGQOQGOSHE WAMAPHOYISA NAMHLANJE

Ugqogqoshe wamaphoyisa kuleli uGenersl Bheki Cele ulindeleke ukuba athule izibalo zobugebengu ezenzeka lana ezweni laseNingizimu Afrika. Lezibalo ziqala enyangeni kaMfumfu kuze kuyofika kuZibandlela 2023.Lesethulo sihlelelwe ukuba sithulwe namhlanje ngolwesihlanu,16 kuNhlolanja 2024 emini bebade 12:00, lenkulumo izobanjelwa eRonnie Mamoepa Press Room, eseTshedimosetso House, emgwaqeni 1036 Francis Board Street, ePitoli.

Lokwethula kwezibalo kwenzelwa ngalo ukukhanyisela izwe ngobugebengu obusuke bubhidlangile ezweni nokuthi yiluphi uhlobo lobugebengu olusuke luhamba phambili ezweni kuleso sikhathi. Lesithulo esesigama sesithathu onyakeni wezimali kulelizwe. UGeneral Cele uzosithulela ngamanani ezinhlobnhlobo zobugebengu ezikhathaza imphakathi,nokuthi bakwaze ukubamba izigebengu ezingakanani ngalesoskhathi kanye nezinhlelo ezizokwenziwa ukuqinisa ezokuphepha.

Lokubalwa kobugebengu ngezigatshana kusiza kakhulu emaphoyiseni,nakwabanye abaphathimthetho kanye nomphakathi wonkana ukuthi uqonde izindlela zobugebengu obusuke benzene nokuthi kukhandwe amasu amasha okulwa nesihlava sobugebengu. Lokwethulwa kezindawo ezinobungozi nokuveza izinhlelo zokuba kuqedwe umungozi obusuke benzene kuyelondawo .u

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *