KUDUTSHULWE KWABULAWA UMSHAYELI WEKHUMBI KANYE NOMGIBELI ETEMBISA.

Ngolwesibili lwangomhlaka 27 kuNhlolanja 2024,umshayeli wekhumbi kanye nowesifazane obengumgibeli badutshulwe bashonela khona ekhumbini bobabili. Lengozi yenzeke emgwaqeni owaziwa ngoLimpompo eduze kwerenki yamatekisi ebizwa ngeSangweni eseTembisa. Lelitekisi kubikwa ukuthi belithutha abantu libasusa erenke eSangweni ibayisa eAlexandra naseSandton.

Amadoda angaziwa abehlome ezingovolo nokusolakala ukuthi izinkabi ngoba phela lemboni idume kakhulu ngazo izinkabi,bavele bavulela ngemvula yezinhlamvu etekisini nalapho zifike zathola umshayeli kanye nomgibeli okube sekubanela khona lapho endaweni yesigameko ukufa. Kubonakala engathi lezinkabi bezizoshaya umshayeli wetekisi lo wesimame ube esethelwa ngamachaphazela ngoba naye behleli ngaphambili.

Abanye abagibeli bakwazile ukuphuma etekisini bethi galo yephuka nalapho wonke umuntu bebalekela ukuphephisa impilo yakhe. Abosizo lokuqala bahlonze umshayeli nalona wesifazane njengabantu abashone khona endaweni yesigameko. Imbangela yalokhu kudutshulwa ayikaziwa okwamanje kodwa amaphoyisa aseNingizimu neTembisa ayaphenya ukuze ethole imbangela yokubulawa kwalaba abashonile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *