Kulempelasonto amaphoyisa aseGauteng abophe umlisa owumshushumbisi wezidakamizwa eskhumulweni sezindiza iOR Tambo International Airport. Lomlisa ongowokudabuka ezweni laseParaguay oneminyaka engamashumi amane nantathu 43, nobesolwa ngokugwina izinhlamvana ezingamashumi amabili 20, kulezo nhlamvu bakunesdakamizwa esibizwa ngecocaine.
Lomshushumbisi obanjiwe wenza sinyuke kakhulu isibalo sabasolwa asebeboshiwe ngoba amaphoyisa esebophe amayishumi nane 14, emva kwezinyanga ezimbili esikhumulweni iOR Tambo International. Iningi lalabashushumbisi abantu besifazane, kokubalwa abane babo badabuka ezweni laseBrazil. Nalomlisa wokugcina ongowokudabuka eParaguay besuka edolobheni laseBrazil iSao Paulo nalapho akathe mefika eskhumulweni amaphoyisa amthola ukuthi ugwinye izidakamizwa.