KUBOSHWE UMYFRIEND OTHOLAKAKE NOGWAYI ONGEKHO EMTHETHWENI KANYE NOKUDLA OSEKUDLULELWE ISKHATHI.

Uphiko lwamaphoyisa avalela kwaseni oluphula umthetho esifundazweni iNorthern Cape olwaziwa ngeOperation Vala Umgodi,lapho lisebenza ngokubambisana namasosha akulelizwe. Bangenele izitolo elokishini Kagisho ngolwesibili,05 kuNdasa 2024 bebheka ukuthi abadayisi banazo yini izimvume zokudayisa,zona izinto abazidayisayo zivumelekile yini ukuthi zidayiswe kulelizwe kanye nokubheka ukuthi azikaphelelwa yini isikhathi sokuthi zidayise.

Kulowomkhankaso amaphoyisa bemisa ngisho umuntu ohamba emgwaqeni bemuseshe ukuthi ayikho yini into engekho emthethweni akayiphethe. Behamba bengena nasezitolo bebheka lokhu esikubalulile phezulu, nalapho abazithele kumlisa waseTopiya osemncanyana ngoba unamashumi amabili nanhlanu weminyaka yokuzalwa. Bafice ethephe inqwaba kagwayi ongavumelekile ukudayisa lana eNingizimu Afrika, izimpahla esezidlulelwe isikhathi sokuba ngabe zisadayisa kanye nokunye osekubolile zonke lezinto bezibiza imale eyizi R10 000.

Lomfokazi zibe sezimkhalela izinsimbi nalapho kulindeleke ukithi evele enkantolo kaMantshi eGaleshewe maduze noma usuku akazobingelela ngalo imantshi lungakaziwa. Umphakathi usithandile isenzo sezakwadalawane nalapho ophinde wagqugquzela ukuthi ingalo yomthetho kumele uqinise isandla kulabantu amadlisa abantu amanyala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *