Umlisa okngowokudabuka eSwazini uSfiso Masuku,uneminyaka engamashumi amathathu nambili (32) obesebenza egaraji ukufaka upetroli ezimotweni uzthole esekwnkulu inkinga ngemuva kokuqola izimali zabantu emakhadini asebhange uma bekhokha ngawo. Kuyimanje usezikhindini emva kokuthi inkantolo yesifunda eMiddelburg imncishe ibheyili ngenxa yokuthi ikheli lakhe alicacanga.
UMasuku usebenzela elinye lamagaraji eMpumalanga,lapho akaboshwe oKlebe khona mayelana nokukhwabanisa izimali zabantu. Uvele enkantolo ngoLwesithathu nalapho elahlehla khona icala,kulindeleke ukuth iqhubeke namhlanje ngolwesihlanu, 8 kuNdasa 2024,lapho inkantolo ilindele ukuthi efike nekheli eliqondile. Nakuba esazohlala ejele kulandela ukuthi esolwe ngecala elibucayi kakhulu.
Ukubohswa kwakhe kwenzeka mhla abancwaningi bezimali beba nezinsolo ngeskhathi ibhange Absa noFNB benza ucwaningo lwangaphakathi nolubheka luphenye ukusebenziswa kwamakhadi egaraji Ultra City elisemgwaqeni uthelawayeka owaziwa ngo N4 eMiddelburg.
Ngokwemibiko kwaba khona izinsolo zshikashika owenziwayo emkhadini abantu ngemishini yokuhokha yakuleigaraji likapetroli,oKlebe kanye nambhange baqala uphenyo lwabo olugcine lubaholela ekutheni wonke lomshikashika wenziwa uMasuku. Icala ngoba seisemajajini ithimba loKlebe laseMiddelburg eliphenya amacal abucayi lithole ukuthi imali etshontshiwe ilinganiselwa emakhulwini amane ezinkulungwane zamarandi (R400,000) nakubake uphenyo lusaqhubeka akwaziwa mbhantshi kujiya.