Inhlanganisela yamaphoyisa aphenya amacala abucayi okuyiProvincial Organised Crime Unit, uMhlali Task Team, uMhlali K9 Unit,amaphoyisa akwaDukuza kanye neCrime intelligence basebenze ngokukhulu ukubambisana nokugcine kuzala impumelelo ekutholeni umuntu obandakanwa nokushona kwephoyisa nalapho umkhondo ubaholele ekutheni kugcine kuboshwe ingoduso kamufi.
NgeSabatha mhla izinsuku zingamashumi amabili nane 24 kuNhlolanja 2024, amaphoyisa abephenya ngembangela yokubulawa kwephoyisa abophe intokazi enamashumi amathathu nane 34 ubudala endaweni yokudla okusheshayo eWaterloo, eVerulam lapho ebisebenza khona njengomphathi wabasebenzi. USayitsheni Sakhile Manyisa watholwa eshonile ezitebhisini zeflethi owayekipite kulo nayo lengoduso yakhe emgwaqeni Gopalall Herman’s osoThongathi ngomsombuluko 24 kuNhlangulana 2022.
Ngaphandle kolwazi nofakazi ababona noma abezwa mhla kwenzeka lesigameko, abaseshi bavele basebenza ngokukhulu ukuzikhandla ukuthi baphume nomyombu mayelana nokudlula emhlabini kukazakwabo,emva kokuhlanganisa lonke lolophenyo icala likhombe endlini nalapho kugcine kuboshwe owayeyisinqandamathe saleliphoyisa. B
Kulindeleke ukuthi umsolwa avele enkantolo kaMantshi yase Verulam namhlanje mhla 26 kuNhlolanja 2024.