KUBOSHWE ABASOLWA NGOKUDAYISELA IZIGEBENGU EZIDUNA IZIMOTO ZEMALI IZIQHUMANE.

Sekwenzeke isgameko lapho abakwasidlodlo bebamba abasola ngokudayisa iziqhumane ngokungekho emthethweni,kusolakala ukuthi badayisela izigebengu eziduna izimoto eziphatha imali kanye nemishini yemali yamabhange. Kuzela nokuthi yizo leziqhumane ezisetshenziswa nalaba amamba imigodi ezimayini ngokungemthetho.

Lesigameko sihlanganisa abantu abane okungamadoda amathathu kanye noyedwa wesifazane,baboshelwe eWelkom,esifundazweni saseFree State emva kukuthi lemoto yalabasolwa bilandelwa amaphoyisa aseMpumalanga Koloni aziwa neSAPS EC Crime Intelligence, behambisana namalunga eNational Interventio Unit(NIU) esoka ePitoli,kanye nophiko lwamaphoyisa aseFree State abhekele iziqhumane ngoLwesithathu ntambama.

Kukholakala ukuthi labasolwa bayathintela emacaleni amaningi lapho kusuke kukhona okuqhunyisiwe,bekusetshenziswa bona njengethimba ebelilekeleka ekuqhunyisweni kwamaATM, ukudunwa kwezimoto ezihambisa imali kanye nokumba izimayini ngokungemthetho esifundazweni ezahlukahlukene kubalwa Free State,Eastern Cape,North West kanye neGauteng. Labasolwa batholwe neziqhumane ezingashumi amane kanye nokunye okuningi okulekelela uma kuqhunyiswa.

NgeOperation Shanela amaphoyisa akwaze ukubhamba iziqhumane ezi11481 ngenkathi kuvalwe imigwaqo,ukulandelelwa kwezimoto kanye nokukhuthuza obenziwa lokhu kusukela ngoNhlaba 2023. Balinganiselwa e173 abasolwa abakhalelwe amasongo kasgonyela ngaleso sikhathi ngokutholakala bephethe iziqhumane ngokungekho emthethweni.

Labasolwa bonke Bocanegra kulindeleke ukuthi bavele enkantolo kaMantshi eWelkom ngoLwesihlanu,zinga23 kuNhlolanja 2024 ngamacala asondelene nokuphatha iziqhumane ngokungemthetho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *