Amaphoyisa aseKuruman,neqembu labaseshi bakhona kanye nabaziwa ngeK9 units nabophiko JTG Highway Patrol, izolo ngeSonto,03 kuNdasa 2024,bavale umgwaqo ekhothuza yonke imoto edlulayo nokugcine kuzale enkulu impumelelo ngoba babambe babopha amadoda abayisithupha abasolwa ngokuduna izimoto baphinde bahlasela umlisa mumbe waseBathlaros.
Ngokwemibiko etholakele, lomgilwa udunwe imoto yakhe izolo ezintatha kusa ngeSonto iskhathi 02:00 izinsuku 03 kuNdasa 2024 khona endaweni yaseBathlaros. Lezigebengu zigwaze lomlisa ebezimbambile inqwaba yamanxeba zase zimthatha ngayo imoto yakhe zamyisa emall iMokala khona eKurumani, baqhubeke nokumshaya befuna iphini yekhadi lasebhange .
Babe sebekhipha imali kuATM ngekhadi lalendoda babe sebeqhubeka naye ngemoto bemuyisa komunye umshini wemali khona eKurumani baphinde nakhona bakhipha enye imali emshinini. Babe sebehambanaye beshayela imoto yakhe iRenault Kwid enombala ompunga lapho bemuyise emathuneni aseduze neskole samabanga aphakeme iKalahari bafika bamshiya khona.
Lezigebengu zibe sezishaya utshani nemoto yalombhemu,sebemshiye emanxebanxeba ngenhloso yokumbulala. Okuthe ngezikhathi zehora lesishiyagalolunye 09:00 ekuseni, abantu abadlulayo bazithela phezu kwendoda elinyazwe kabuhlungu base bezama ukumtholela usizo bathitha namaphoyisa.
Amaphoyisa aphume ngezimoto asesha yonke indawo yaseMapiniki,okuyilapho bebone lemoto eyebiwe ishayelwa iza kuwo amaphoyisa. Lapho abaphoqe khona ukuthi bemise imoto eceleni kumgwaqo base begaxwa ozankosi bonke bosthupha batholakale nemimese okusolakala ukuthi yiwo abebegwaza ngayo umgilwa.
Imoto ibe isithathwa abakwasidlodle kwathi umnkazi wayo waphuthunyiswa esibhedlela sendawo ukuyothola usizo ngoba elimele kanzima. Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo kaMantshi eKurumani maduze noma usuku lungakaziwa.