Amaphoyisa alunwe indlebe,ngemigulukudu eqola abantu imali emakhadini. Emva kokuhletshelwa ngalezigebengu amaphoyisa abe esevala umgwaqo uR61 ongamakhilomitha ambalwa ngaphandle kweFlagstaff ngoLwesihlanu, 23 kuNhlolanja 2024.
Sibekelwe ukuthi ngalolusuku oselushiwo la ngasenhla ngezikhathi zokubumbana kwehora lesine ntambama abakwasidlodlo bahlela ukuvala umgwaqo R61 ongaphandle kweFlagstaff,kulandela ukulunywa indleba ngemoto empisholo yakwaToyota yohlobo lweYaris,ehamba amadoda amane okuyiwona aqola izimali zabantu emabhange (card scammers) nalapho besebeqole abantu ababili,omunye owaseMt Fletcher, omunye waseFlagstaff. Okuthe ukuhamba kwesikhathi amaphoyisa abona imoto efana nse nalemoto okuthiwa ihamba lamaqola babe sebeyimisela eceleni komgwaqo.
Kuthe sekukhuthuzwa lemoto,abakwasidlodlo bathola inqwaba yamakhadi asebhange imali eyiR4 730 kanye nomshini wokukhokha ngekhadi ( speed point). Lamadoda amane abe esekhalelwa amasongo kasgonyela ngokutholakala nezimpahla ezebiwe emva kokuthi behluleke ukuveza ubulungu nokuhlobana kwabo namakhadi okube sekuqoqwa ezakadalawane.
Imoto yona ayithathile amaphoyisa ngenhloso yokuqhuba uphenyo lwawo kulamadoda, nokubheka kahle ubulungu bemoto njenge Vehicle Identification Number (VIN),nokuyinto ebingekho emotweni kanye nenombolo yepleti eliwubhobhayi. Labasolwa bobane baneminyaka ephakathi kwe25 Kuya 40 ubudala, kulindeleke ukuthi bavele enkantolo kaMantshi eFlagstaff ngoMsombuluko, 26 kuNhlolanja 2024,lapho bezobe bebhekene khona namacala amaningi kuhlanganisa ukutholakala nezimpahla ezebiwe kanye nokunye. Kunamathuba amaningi okuthi amacala abo anezelelwe ngamanye ngoba okwamanje uphenyo lusaqhubeka.