KUBOSHWE ABALISA ABANE OKUKHOLAKALA UKUTHI BAGQEKEZA IMIZI EGAUTENG.

Izolo 21 kuNhlolanja 2024 amaphoyisa abophe abasolwa abane nokukholakala ukuthi yibo abagqekeza imizi yabantu eminingi kulesifundaze saseGauteng. Lezinsizwa zithe zingabona abakwasidlodlo zase zibaphendula ngenganono nokugcine abanye babo belimala emva kokudubulana namaphoyisa. Labalisa balinganiselwa eminyakeni ephakathi kwa44 Kuya 49 ubudala,babanjelwe eCyrildene,eGoli. Amaphoyisa ebabamba athole kubo izibhamu ezintathu osekwabikwa ngazo ukuthi zalahleka,noma zatshontshwa,nemoto abebehamba ngayo kutholakale ukuthi yebiwe kanye namathuluzi abo abawasebenzisayo uma begqekeza imizi yabantu.

Imigulukudu emibili ilimale kabuhlungwana yona ngeskhathi bedubulana namaphoyisa, lokho okuphoqe ukuba iphuthunyiswe esibhedlela nakhona izobhekwe ngeso lokhozi. Amaphoyisa ohlobo olwaziwa nge Flying Squad aseGoli bese awuthola vele umyalelewo wokubheka imoto esilver Renault Clio ehlale igcwele izinsizwa okusolwa ukuthi zihamba ziqhekeza imizi yabantu sonke isifundazwe saseGauteng. Amaphoyisa abe esezithela phezukwayo itetemuka eCyrildene, abe esekhanyisa ilambu elibuhlaza bakhalisa nesayirini ukumisa lemoto kodwa iynsizwa zivele zavulela ngenganono zacindezela kakhulu umlilo emotweni zacela empunzini.

Amaphoyisa nawo abe esebuyisa izinduku, bavele abasolwa bashayisana nezinye izimoto ezimbili ebezizihambela nje okuyizimoto zamalunga omphakathi. Okuthe kusaqhubeka ukudubulala,izigebengu ezimbili zathinteka kwasekuthi ababili abasele bakakwa amaphoyisaababopha. Wonke amaphoyisa aphume engenamyocu kulokudubulana obekwenzeka.

Labasolwa kulindeleke ukuthi bevele enkantolo yemantshi eGoli maduze nje,lapho bezobhekana nohide lwamacala abawenzile sibala elokuzama ukubulala,ukutholakala nesibhamu esingekho emthetheni,ukuhloma emphakathini,imoto eyebiwe kanye nokubalekela umthetho. Kubonakala futhi esemaningi kakhulu amacala abasazothweswa wona ngaphezu kwalawa asebaliwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *