Kubanjwe abalisa ababili abebeshushumbisa izidakamizwa emgwaqeni uN10 oseduze neSomerset East kanye ne Cradock. Lapho amaphoyisa alunwe indlebe umuntu ongazidalulanga abe esesukumela phezulu eyobheka kuleyondawo. Umphumela ube muhle kakhulngoba bazithele kulamadoda amabili lapho bethole inqwaba yezidakamizwa inani lazo lidaluliwe.
Izolo ngoLesine,29 kuNhlolanja 2024 emini bebade 12:00, amalunga amaphoyisa aziwa ngeSAPS Cookhouse amise iveni leNissani iNP 200 emhlophe ku N10 balisesha. Bathole amaphilisi imandrax eyi1034,kanye no219 grams weTik nawo otholakele. Bese Kuba omunye umthamu wemandrax obubophelwe okhalweni llomunye wabasolwa. Inani lalezidakamizwa lilinganiselwa eR135 000.
Labasolwa ababili baneminyaka elinganisela emashumini amane nanye 31 kanye namashumi ayisikhombisa nambili 72, babe sebeboshwa ngokushushumbisa izidakamizwa. Kulindeleke ukuthi bevele enkantolo kaMantshi eSomerset East namhlanje, 01 kuNdasa 2024.