Amaphoyisa aseTshwane abambe iqembu lemigulukudu elidume ngokudayisela abantu izinto ezingekho ezinkundleni zokuxhumana. Kubenokudubulana phakathi kwamaphoyisa kanye nalezigebengu ngaphambi kokuthi amaphoyisa ebabophe bonke labalisa. Lesigameko senzeke ngolwesihlanu 10 May 2024,endaweni ebizwa ngeWinterveld, eseTshwane esifundazweni saseGauteng.
Lemigulukudu isebenzisa uFacebook ukudoba labantu ababaqolayo bebadayisele ingulube isesakeni. Okuthe kulokhu labalahla elakubo ngoba amaphoyisa aseGauteng alunwe indlebe ngomuntu ebebemdayisela iloli. Lomlisa yabona bemaketha iloli elidayisayo kuFacebook wabe esezhumana nayo lemigulukudu. Amaphoyisa abe esehlanganisa ithimba lawo leGauteng Highway Patrol Unit kanye neRoad Traffic Management Corporation (RTMC) babesebehlangana baya lapho obekuzohlanganwa khona izigebengu nomthengi weTruck.
Okuthe uma abakwasidlodlo beqhamuka kulemgulukudu yavele yadedela izulu lezandla ibhekise emaphoyiseni,namaphoyisa awapholisanga maseko abe eseziphindiselela . Omunye oyedwa wabasolwa ube esethola ukudubuleka walimala, kanti laba abanye bavele baboshwa ngaphandle kokulimala. Bebonke labalisa ababoshiwe bayishumi nomuvo,baziwa njengeqembu lemigulukudu eduna abantu ezinkundleni zokuxhumana. Amaphoyisa athole izibhamu ezimbili kubasolwa ezingekho emthethweni abazisebenzisa uma beqhuba lobugebengu babo.
Umphathi wamaphoyisa esfundazweni iGauteng udlulise okukhulu ukincoma emaphoyiseni asebenze ngokuzikhandla ukubamba lemgulukudu. Wadlulisa nokuxwayisa amalunga omphakathi ukuthi awoqaphela uma ezothenga ezimakethe kanye nasezitolo zasemoyini ngoba lokho kunobgozi obukhulu. Okunye okubalulekile ukuthi uma umuntu ezohlangana nomuntu akangamazi abahlangane endaweni evulekile, futhi bengabaniki ikheli labo uma besadayiselana ezinkundleni zokuxhumana. Beqhaphele kakhulu nangemninigwane yabo yasemabhange.