IZWE LASEGHANA SELIPHASISE UMTHETHO WOKUTHI KUYICALA UKUTHANDANA KOBULILI OBUBODWA KULEYANDAWO.

Iphalamende laseGhana ligcine liphakamise umthetho ovimbela ukuthandana kwabantu bobulili obufanayo,lithe abayotholakala bayogwetshwa iminyaka emithathu. Libe seliveza ukuthi oyoqala iqoqo noma inyunana noma exhase ngezezimali amaqeqenane eLGBTQ+ uyogwetshwa iminyaka emihlanu ebhadla ejele.

Abaphathi bomthetho bathe basazozama ukufaka iscelo sokuthi kushintshwe indaba yokuthi bedonse ejele kodwa benze imisebenzi emiphakathini noma bethole ukululekwa ngokwenqondo abayobanjwa bekulesosimo. Lokhu kwenzeka emva kokukhula kwabaphikisana nezinto zamalungelo eLGBTQ+ ikakhukazi emazweni aseNtshonalanga neAfrka.

Lomthetho obuvotelwa ephalamende usekelwe amaqembu amabili amakhulu ezepolitiki ezweni laseGhana,lomthetho uzoqala nje maduze uma nje uMongameli wezwe uNana Akufo-Addo esayine phansi lomthetho. Ugcine eshilo naye umongameli ukuthi uzosisayina lesivumelwano uma nje intando yeningi isivumile ukuthi kube njalo.

Ucansi lobulili obufanayo luphambene nomthetho ezweni laseGhana uma ubanjiwe udonsa iminyaka emithathu usejele. Abangabaholi namalunga bathi sekuzoba nokuzingelwa okungekuhle kumalunga eLGBTQ+ emphakathini nalabo abazobe bebhikishela amalungelo abo sebengazithola besenkingeni lokho okuzokwenza abanye behambe beyocasha.

Oyinhloko yeUN ebizwa nge UN body tackling Aids,uWinnie Byanyima, uthe ” Uma iHuman Sexual inelungelo kanye Ghanaian Family Values Bill iba umthetho, izokwandisa ukwesaba kanye nenzondo,nokuletha udlame kubahlali bezwe laseGhana nalapho kuzonqindeka inkululeko yokukhuluma,inkululeko yokuzihambela kanye ngenkululeko yezinhlanganisela”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *