Kuhlukene imibono emaqenjini ezepolitiki akuleli mayelana nenkulumo kamongameli wezwe lakuleli obuye abe ngumungameli weqembu lika ANC okwiyilona elilokhu laphatha kusukela kuqala inkululeko yentando yeningi ngonyanka ka1994 .
Umholi weqembu Freedom Front Plus udokotela uPieter Groenewald naye uphawulile ngeSona 2024 nalapho akabeke kanje”Ngikhathazekile kakhulu ngomungameli ohlale enza izethembiso ezingekho, ngoba kungekho mgwaqo emisha, namadamu amanzi amasha kodwa iqembu lakhe iANC ibulala yonke into ekhona kanti iqembu lakhe liwumsolwa wokuqala ngenkohlakalo nangokubulala izinqalazizinda zomphakathi liphinde lihluleke nokuqeda ukwentuleka kwemisebenzi ezweni kanti futhi sekuyiskhathi sokuthi abantu beyikhiphe emandleni iANC “.
NeUDM iphawulile ngomlomo kamnumzane Nqabayomzi Nkwankwa nalapho uthe umongameli uphindaphinda izethembiso abangazenzi neziyindlela nje yokukhankasela ukhetho ngokukhohlisa abantu nalapho abalule khona ukuthi kulemnyaka engamashumi amathathu ANC iphethe akukho esikwenzile uma uqhathanisa nabantu asebephathe iminyaka engamashumi amabili kwamanye amazwe, futhi bahlulwa nokuqeda ukungalungani okukhona emphakathini yakulelizwe.
iDA yona iphawuleli ngomlomo kamongameli wayo umnumzane John Steenhuisen uthe lenkulumo icacisa ngokwenzekayo lana eMzansi okuwukubeka izithembiso ezingekho ngoba wathembisa ukuthi uzokwehlisa ubugebengu kodwa lokho akwenziki bunyuka njalo ubugebengu ezweni,wayethembise ukuthi uzosungula imisebenzi kodwa nalokho akukhu, wathembisa ukuthi uzogeda udlame olubhekwiswe kubantu besifazane nezingane GBV kodwa konke lokho akwenzeki ngoba isiyinsakavukela umcilo wesdwaba, wathembisa ukuth uzoqeda ukucima kwagesi kodwa nalikho akwenzeki waphinde wathembisa ukuqeda nenkohlakalo kodwa iqhubeka kakhulu okudlula iskhathi kusaphethe uZuma. Nalapho athe izwe lisenkingeni njalo izethembiso kodwa ezingagcinwa. Nalopho akabalule khona ukuth umongameli akanalo uhleli oluqondile lokuqeda isomiso samanzi nokuyinto eynkinga ukuntuleka kwamanzi.
IFP nayo iphawulile ngomongameli wayo uMnumzane Velemseni Hlabisa uthe iSona bingagqugquzelili nhlobo ngoba bebelalele into ehlale iphindwa njalo iANC kulemnyaka emihlanu eyedlule nokuyindlela yokuthi bebevuma ukuthi sebehlulekile ngoba kwensinye iskhathi umongameli ugcine esezihleka yena ngokuhlekwa indlu yonke ngokusenga ezimithiyo ikakhulu esephawula ngokuvala izimbobo emgwaqeni nokulungiswa kwemigwaqo athe usekwenze izwe lonke lapho uHlabisa athe kuyihlaye ngoba izwe lonke liyazi ukuthi amampunge lawo ngoba yonke imigwaqo kumanje iyabheda. Ukhale ngehlazo kubaholi beANC ababalekela iqiniso kwikhomishana eyayiphenya ngokubanjwa kombuso ngobhongane yaveza nakho ukubalekela udaba lwephalaphala okwenziwa uMongameli wezwe okuyinto eyichilo eqenjini elibusayo.