Ngaphambi kokuthi usebenzise noma yimuphi umuthi wokusiza isilwane kubalulekile ukuthi uqaphele ukusetshenziswa komuthi. Ukuze umuthi usebenze, fundisisa lelipheshana eliphuma emuthini, ukuze uzothola isikali okumele usisebenzise kanye nendlela osetshenziswa ngayo nezikhathi zokuwusebenzisa.
Enyangeni kaApril kuya kuMay kumele ugome izimbuzi zakho ezindala ezesilisa nezamasikazi lapho uzigomela isifo okuthiwa iPastearella. Lesifo sibangelwa amagciwane asuke engine emgudwini yenhliziyo namaphaphu embuzi. Izimpawo zalesifo emazinyaneni kuba ukukhwehlela, libonakala nangokuthothobala kube ngathi liyagodola, noma lizace lihambe liphephuka, ukuthi lingakuthandi ukudla nokugcina kuyiholela ekutheni ife imbuzi.
Entwasahlobo( okuwuAugust kuya kuSeptember la eNingizimu Afrika) nakhona uzigoba zonke ezisilisa nezinsikazi ukuvikela kwiBluetongue. Lokhu ukwenza kwezamasikazi kusasele amasonto ayisishiyagalolunye ngaphambi kokuthi uzizalanise noma zikhwelwe bese ezesilisa ukwenza emva kokukhwela. Izimpawo zeBluetongue embuzini, ukuphuma kwamafinyila,ukuvuvukala kanye nezilonda emlonyeni. Umgomo weBluetongue kumele usebenzise imigomi emithathu, amasonto amathathu ngokwehlukana.
Kuwo u-August noSeptember uphinde ugomele ubuthaka bezinso ezimbuzini (pulpy kidney) kanye neBlack quarter ne Anthrax. Izimpawo zePulpy Kidney embuzini, iba nohudo olungamanzi, ķanye namagwebu emlonyeni. Kuthi lezi ezamasikazi ngaphambi kokuth zikhwelwe zigomele ukuthi zingaphunzi, ukuphunza okwenziwa yiChlamydia lokhu kwenze kusele inyanga namasonto amabili zikhwelwe.