Namhlanje kuphelile ukufunisela nokuqagela ukuthi lekhomishana izoqala nini, ngoba namhlanje ngoLwesithathu ziyi17 kuMandulo igcine ihlalile. Ivele yangapholisa maseko iKhomishana ngoba izibule ngomvusi wenyamazane okungumphathi wamaphoyisa esfundazweni sakwaZulu Natal uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi nongaconsi phansi ebantwini bakulelizwe laseNingizimu Africa ngesibindi sakhe sokudalula izimfihlo ezinzima.
UMkhwanazi wenza inkulumo esidlangalaleni lapho wayebhadlaza inkohlakalo edla lubi ezweni laseNingizimu Afrika lapho kwagcina kuvele amagama osoPolitiki kanye nosomabhizinisi abakhulu. Kulenkulumo yakhe kwasuka omkhulu umsindo okwagcina kuphoqa noMongameli wezwe ukuthi ephawule ngaloludaba, kunjalo engagcini ngokuphawula kodwa ethathe izinyathelo ezinqala kwabathintekayo. Lokho kwaholela ekuthemi uMongameli emise kancane uMinista wamaphoyisa uSenzo Mchunu.
Kwathi uKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke wamisa usesekela Khomisha wakhe okunguSibiya. USibiya wavela kaningi kuleyankulumo kaMkhwanazi lapho wayengaveli njengomuntu omuhle emsebenzini wakhe. Okwaze kwagcina ukuthi uMkhwanazi emubize ngesigebengu, nalapho waveza ukuthi uSibiya unobudlelwane obuningi nabantu abasolwa ezenzweni zokusoconga abantu.
UMongameli wakuleli uCyril Ramaphosa eqeda ukumisa uMinista wamaPhoyisa waphakamisa ukusungula ikhomishana ezophenya kabanzi ngalezinto noma izinsolo eziphakamiswa uMkhwanazi. Wabe esekhetha ijaji elisanda kuthatha umhlala phansi uJaji Madlanga. Kuke kwaba nokudonsisanake kwamaqembu ezepolitiki ngaphambi kokuba ihlale leKhomishini kaMadlanga, kodwake namhlanje igcine ihlalile.
Ikhomishane ime isiqala ngokuhlaba imibuzo umvusi wenyamazane okunguGeneral Mkhwanazi, lapho bebemubuza ngezinto owayekhulume ngazo ngeskhathi ekhuluma nabezindaba mhla ziyi6 kuNtulikazi 2025. Ikhomishana ibimubuzela ukuthi echaze kabanzi ngalezo zothulo zakhe nalapho bechaza nangobufakazi okanabo okumenza wakhuluma leyankulumo.
Okugxile kakhulu kodwa namhlanje ukuthi echaze kabanzi ngezinsolo zabanto abayamaniswa nokubulala osopolitiki kanye kokubulala ofakazi ababe shaye ikhwela ngobugebengu obabenzeka kuhlanganisa amathenda amakhulu ezinkampanini zikahulumeni kanye nemizamo yokufihlwa kobufakazi bufihlelwa uphiko olwaluphenya ngokubulalwa kosopolitiki.
UMkhwanazi usaqhubeka nokuhlonya imibuzo kwikhomishana okwenzeka ePitoli, esifundazweni saseGauteng. Ngoba eseqalile uMkhwanazi kulindeleke ukuthi bonke abantu abavela kwinkulumo yakhe yangoNtulikazi beze kwikhomishini bezogeza amagama abo, bephinde beveze obabo ubufakazi obubaqhelisa kulezenzo zobubi. Phakathi kwabalindelekile uSenzo Mchunu kanye noSibiya nabanye nabanye abathintekayo amagama abo.
Nomake ihlukene imibono ngesenzo sikaMkhwanazi sokuthi evele ededele izimfihlo esidlangalaleni kodwa abaningi bathi wenza kahle evule abantu bakuleli amehlo okukuthi bebone okuncola nokukhohlakala kwababusi bezwe.