Kutholakale izibhamu 3 ezohlobo lweAK47 eziwuhlobo lomshini ozisintshayo nesinye isbhamu sohlobo lwe243 STEYR MANNLICHER zibe sezishaqwa zonke kanye nezinhlamvu
Amaphoyisa akholelwa ukuthi asezitholile izibhamu ezisezingeni eliphezulu ezisetshenziswe ekwenzeni ubugebengu obuholele ekubulaweni kwezisulu eziyishumi nesishiyagalombili zaseLusikiki.
Ngobuhlakani nomsebenzi wabaseshi ocophelelayo, izibhamu ezisezingeni eliphezulu zitholwe ngoLwesine kusihlwa (17, October 2024).
Uphenyo lokuqala lukhomba ukuthi izibhamu zithuthelwe kwenye indawo ngemuva kokubulawa kwabantu baseLusikiki abayishumi nesishiyagalombili.
Abanye abasolwa ababili baboshwe ngemuva kokutholakala bephethe lezi zibhamu. Laba baboshwe eFlagstaff e-Eastern Cape.
Izibhamu ezisezingeni eliphezulu sezithathiwe ukuze zihlolwe i-ballistics ukuze kutholwe futhi kuqinisekiswe ukuthi zasetshenziswa ngempela ekwenzeni ubugebengu kanye nokunquma ukuthi yiziphi ezinye izigcawu zobugebengu ezingaxhunyaniswa nazo.