Kuphelile ukujabula kanye nokukhala obekukhona ekhefini lemidlalo yokuhlungela indebe yomhlaba emazweni onke, njengoba nakithi e-Afrika bekukhona nathi sijabulile eNingizimu Africa emva kokuthi abafana bakithi bakwazile ukunqoba ukuze beyodlala kweyendebe yoMhlaba ngonyaka ozayo. Ake siqale sibongele iBafana Bafana ngempumelelo yabo bebhaxabula kabuhlungu izwe laseRwanda ngokwenze saba sescongweni eqoqweni lethu.
Manje indaba isisemaqenjini ebhola ezwekazi lakithi e-Africa ngoba namhlanje eqala imidlalo yawo yesiwombe sesibili sokuhlungela amaqoqo . Njengoba namhlanje kuzobe kudlala iPolice vs Al-Hilal kanye neMonastir vs JS Kabylie okuyelemidlalo yomibili ekhona namhlanje kwiCAF.
Kusasa kulindeleke ukuthi kube nemidlalo emihlanu nekulindeleke ukuthi iqale ngehora lesithathu ntambama : Aigle Noir vs Al Ahly 15:00 Black Bulls vs Rivers Utd 15:00 Silver Strikers vs Young Africans 15:00 Rahimo vs ES Tunis 18:00 Stade d’ Abidjan vs Petro de Luanda 18:00
Ngesonto Kubukeka kuzoba isonto elinzima emaqenjini akithi ngoba azobe edlala ekuhambeni. Iqembu leMamelodi Sundown Fc lizobe lidlala ezwenilaseNigeria bese kuthi iqembu le-Orlando Pirates Fc lona lizobe lihambele izwe laseCongo nalapho elake lahlangabezana khona nobunzima ngezikhathi zakudala lapho lalibambene neTP Mazembe Fc ayayenza kube nzima ukuyihlula ezweni layo ngayo yonke indlela. Okokuqala amaqembu akulelazwe anokukuhlukumeza ungakadlali benzela ukulimaza isimo sakho senqondo ungakafiki enkundleni, lokho kwenza ukuthi uthi ufika enkundleni ube vele suhluliwe.
Iyisishiyagalombili imidlalo yangeSonto nalapho izobe imi kanje kanye nezikhathi ezobe idlalwa ngazo: Nsingizi Hotspurs vs Simba 15:00 Colombe vs MC Alger 15:00 Saint Eloi Lupopo vs Orlando Pirates 15:00 Remo Stars vs Mamelodi Sundowns 17:00 Vipers vs Power Dynamos 18:00 Horoya vs AS FAR 18:00 Nouadhibou vs Stade Malien 21:00 Al Ahly Tripoli 18:00