Isikhumbuzo SeNkosi Ilanga Umholi Wesibili Webandla LamaNazaretha.

Namhlanje amaNazareth azobe ehlangene izinkalo ngezinkalo engenisa inkonzo yokukhumbula umholi wesibili webandla lamaNazaretha, Inkosi Ilanga lama-Afrika ngoba iskhumbuzo singena ngomhlaka 18 December siphele ngo19 December minyaka yonke lapho kukhunjulwa yonke imisebenzi eyenziwa Inkosi Ilanga. Umholi webandla lemaNazaretha UNyazi Lwezulu lusemzini walo eNelisiwe, ePort Dunford, endaweni engaphandle kancane naseSikhawini, eMpangeni.

Okubalulekile ngeskhumbuzo: Kuye kuthi ngosuku esizongena ngaso abantu bepheke belungise konke okumele bekulungiselele usuku lwesikhumbuzo. Ngosuku lweikhumbuzo akubaswa singakaphumi isikhumbuzo, futhi ayidliwa into eshisayo. Abanyeke bayasizilela ngokuthi belinde bengadli beze bedle sesiphumule isikhumbuzo. Kodwa ngokwanda kwezifo abantu sekwamukeleka ukuthi badle ukuze bezosebenzisa imishanguzo yabo.

Ubani Inkosi Ilanga LamaNazareth

Inkosi Ilanga okungu JG Shembe wazalwa mhla 27 kuNtulikazi 1904 endaweni yaseNtabazwe eyaziwa khokuthi kuse Harrismith ezweni lasenhla ezalwa unkosikazi kaMqali wendela wesibili umaNgwenya. Inkosi Ilanga izofika emhlabeni kwafika izwi kuBhombela ukuthi lengane uma iqeda ukubelethwa akoyithatha eyoyifaka emfuleni ohambayo. Nempela wenza njalo uMqali Wendlela bathi mebeqeda ababelethisi wayithatha ingane waya nayo emfuleni nalapho akafica umfula ulele iqwa kwazise kwkusebusika, wafika wabhodloza iqwa kwavuleka imbobo wafaka ingane njengoba kwakusho izwi elalikhuluma naye emadlebeni naye owayengalazi ukuthi liphumaphi kodwa laselijwayele kakhulu ukukhuluma naye.

Inkosi Ilanga yafunda amabanga aphansi eNanda wadlulela eLovedale College waqedela e-Adams College wabe eseyofunda eyofunda eNyuvesi yaseFort Hare eMpumalanga Koloni nalapho owayehlakaniphe ngendlela eyisimanga. Waqeda lapho wathola umsebenzi wokuba uthisha eKolishi lase-Adams nalapho okwakugcwele khona abamhlophe. Waqala ukufundisa khona esemncane kakhulu,ngenxa yobuhlakani namava akhaliphile kwamenza wabekwa waba uThishanhloko weKolishi. Kwaba uyena umuntu wokuqala omnyama ukubekwa abe uthisa omkhulu kuleliya Kolishi laligcwele kakhulu abantu abamhlophe.

Inkosi Ilanga yaganwa unkosikazi wayo wokuqala kwakungumaNdlovu nowayeyisifundiswa njengayo Inkosi Ilanga noma lokhu kungabanga izindaba ezinhle kubaba wakhe uMqali Wendlela ngoba wayembekele intombi eyayikholwa nowayefisa ibe umakoti wakwakhe kodwa kwangenzeka. Waqhubeka washada nomaNdlovu bazala umntwana oyedwa wentombazane uBhombela wamqamba igama lokuthi ugaba ngaye. Emva kwlokho waganwa amakhosikazi alinganiselwa emashumini ayisithupha waba nezingane ezicela ekhulwini.

Ukuhlala Esihlalweni kweNkosi Ilanga

Waqala ukuhola ibandla ngo1935 emva kokukhothama kukayise uMprofethi Isaya Shembe. Lapho wayeneminyaka engamashumi amathathu nanye(31), lokho kwamenza wahola ibandla imunyaka engamashumi amane (40) njengomholi webandla. Waqoqa zonke izihlabelelo nemthandazo eyayibhalwe uBhombela wayihlanganisa yashicilelwa phansi yaba isihlabelelo lesi esisentshinziswayo manje amaNazaretha uma efunda imithandazo noma ehlabelela. Naye zikhona ezinye izihlabelelo akaziqopha ngokwakhe ezishicilelwe phansi esihlabelelweni samaNazaretha.

Wazula izitolo ezinkulu emzini wasekuPhakameni waphinde wakha indlu yesonto eyabe inkulu kakhulu ekuPhakameni. Wayenezinsumayelo eziningi ezakhayo nezimfundiso zokuhamba kahle kwamakholwa. Ngonyaka ka1968 wafundusa abantu ukuthi uma bethandaza kumele bethandaze kanjani futhi becele kanjani ukuze imthandazo yabo izozwakala kukulunkulu. Wafundisa ngokubaluleka kokuthi abantu bebazise abantu bakubo abangasekho emhlebeni ngoba lapho abakhona bayasizwa. Inkosi Ilanga yakhothama mhlaka 19 December 1976 emva kokudunguzela iskhathi eside.

Izibongo ZeNkosi Ilanga lama-Afrika.

Uphuhla phansi njengekhowe, Ophuhle emasangweni omuzi was’EKuphakamen­i Ugubhu njengemamba, Bethuka!

Unkani zababili bayeza uJohn Dube umfokaNgcobo, NoShepstone umtanomlungu, Bathi uma befika, Bathi alihambe leli vangeli, Liye ekupheleni komhlaba, Lakhe izikole lakhe amakholishi.

Usilwa ngobumnyama bekuzakusa. Usihlangu gudlana nezabefundisi. Imvungamvunga Ebivungama esiNothi.

Kuye kwazamazama inhlalisuthi yahlina! UNiniva umfowakwaNgcobo­, Obekade eyihlomisa, Usejame ngebhawodi emqokolweni.

Umahlombe ayingungu, Ngokungungubala­, Obambe izintaba ezimbili, INanda neNqgwaqube.

Usihlahla somdlebe asihlalwa nyoni, Sihlalwa zinyoni zezulu kuphela, Umbambo zangiminya, Ukube azingiminyanga, Ngabe ngingoNhliziyo noMayekisa.

INkosi yensizwa iwele ngelibanzi Ngelako Gwabhaza, Izulu laphendula, Kuye kwazamazama abakwaNtshangas­e, Babikela abaseThafamasi, Bathi kukhulu namuhle, Okwanamuhla kwedlula okwasendulo.

Uyisihlahla sothathawe, Simile ngaphakathi eKuphakameni, Uma uke wasithinta sizokuhilela, Sibambe uGobile umfokaMsikatsha­ni, Wamema bonke abaseNdiya, Babanga enkantolo eMdloti,

UMaBhungane wafike wazungeza inkantolo, Wavungazela wathi “Angazi, MfokaMsikatshan­i,

Uthinte esoqokolo Mina esothathawe sisangibambile”­. Unyoka zehla emthini, Zakhwela ngemilenze, Yamadoda akwaSokhulu.

Ushone ngesikhala sezintaba ezimbili, Kwelas’ Ongoye, UMfasimane nohuhuhu. Izulu laphendula, Wabatshela uJoseph Obezalwa nguMajozi.

Hha! Mehlo kahlanga niIwuka likaMahilela, Phuma Langa sikothe, Nabalothayo liyabahangula…Azipheli!!!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *