ISIHLUKU KUQHULULWA NGEMVULA YEZINHLAMVU U(RANK MANAGER) WAMATEKISI EMLAZI.

Izindaba ezishaqisayo ezenzeke izolo ekuseni elokishini Umlazi KwaZulu-Natal, kubikwa ukuth kudutshulwe umlisa osebenza ematekisini njengomenenja wakhona esigcemeni sakwaP eduze nesitolo esikhulu esaziwa ngeVincent’s Supermarket, eMlazi elokishini eliseningizimu yeTheku.

Ubesibikela ngaloludaba uthe umufi,ongakadalulwa igama lakhe nesbongo sakhe hesebenza embonini yamatekisi endawo eMlazi njengomenenja. Uthe kuvele isimo esishaqisayo ngoba kuvele amadoda abehamba ngemoto engaziwa, alike adedela intululwane yezinhlamvu kumufi okuyilapho akavele washona khona ujuqu.

Abaphathi bomthetho bafikile endaweni yesigameko bezozithathela bona ubufakazi kubantu abebekhona kwenzeka lesgameko. Abe esevula icala okuyimanje uphenyo luyaqhubeka lapho kuthungathwa khona ababulali. Nomake bungekho ubufakazi obutheni ababutholile ngoba kuyaziwa ukuthi kulendima yamatekisi akudlalwa kuyabulawana,manje abantu abaningi basabela ukuphepha kwezimpilo zabo.

Lengozi isifake kakhulu ingebhe emphakathini ngoba lesigameko senzeke khona emphakathini nakubake bekuseyizikhathi zasekuseni abantu abaningi besasezindlini zabo, ngoba abanye bakuzwakalisile ukuthi bazizwa bengaphephile nhlobo endaweni uma kuzovele kulimale umuntu obala. Abenhlangano yamatekisi abatholakalanga ukuphawula ngoba wonke umuntu nakubo besashaqekile ngalesenzo esingajwayelekile.

Yona imboni yamatekisi yaziwa kakhulungodlame kodwa ngaso sonke iskhathi kusuke kulwa abanikazi bamatekisi bebanga imizila. Okukamsebenzi waserenki khona kuyathusa yingakho kushiye abantu abaningi bezibuza imibuzo engenampendulo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *