Iqembu loMkhonto Wesizwe selikhiphe incwadi ebhalwe umxhumanisi weqembu nabezindaba umnumzane Nhlamulo Ndlela. Kulencwadi iqembu licacisa ukuthi limi kuphi ngesinqumo salo sokungalibhadi ephalamende uma selivulwa ngenhloso yokukhombisa ilaka labo ngokhetho obelungakhululekile nalapho bekhala ngesandla esinoboya enhlanganweni engamele ukhetho kulelizwe laseNingizimu Afrika elibizwa nge Independent Electoral Commission (IEC).
IMK ithi iyazibona izinkulumo ezingamampunge nezingelona iqoniso mayelana nokuthi limi kuphi esinqumeni salo sokungayi ephalamende nokuvela ukuthi iqembu selishitshile ngokwemibiko yezintatheli. Umxhumanisi weqembu uthe iqembu alikajiki esinqumweni salo sokungayi ephalamende kodwa uthe lokho kuyoshitshwa isnqumo senkatolo okuyisona abasasilindile.
Uthe khona bayasihlonipha kakhulu isifiso sabantu bakulelizwe ababakhethe ukuthi bayobamela ePhalamende ukuze kuzoba noshintsho kulelizwe njengokuguqulwa kwalomthetho sisekelo ongahambisani nomzabalazo wabantu abamnyama kanye nokuthi bayakuqinisekisa ukubuyiselwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, lokho okunye kwezinto abantu ababakhethele zona. Nabakholelwa ukuthi ivoti labantu libalulekile ngoba babevota befuna ukubona ushintsho ezweni nabakholelwa ukuthi luzofikanoMkhonto wesizwe.