Iqembu le-Orlando Pirates Fc Libukeka Lizoba Amalakazane

Iqembu lebholala likanobhutshuzwayo kuleli i-Orlando Pirates Fc libukeka lizoba ingozi kakhulu kulesizini ezoqala. Lokhu kulandela ukudlala ngenkulu impumelelo emdlalweni wabo wendebe yeMTN Top 8, nokuyindebe yokwandulela ukuqala kwemidlalo yeLigi. Lendebe idlalwa amaqembu ayisishiyagalombili okuphele iLig ephezulu etafuleni.

Orlando Pirates Fc iqophe umlando emdlalweni wayo wokuqala wendebe yeMTN Top 8 njengoba bebewudlalela enkundleni yabo eseSoweto i-Orlando Stadium nedume ngokuthi isesigodini sikaMaminzela ngoba uma udlala nabo khona kukancane ubuye nenjabulo yokuphumelela. Kulomdlalo abalandeli bathenge wonke amathikithi omdlalo njengoba budlalwa ngehora lesithathu kusihlwa.

Leliqembu lezikaMagebhula liqala isizini ngomqeqeshi omusha u-Abdeslam Ouaddou emva kokushiya kukaJose Revero washiya leliqembu wayocija iqembu laseGibhithe, Al Ahly Fc. U-Ouaddou beqeqesha Marumo Gallants Fc yena ngonyaka odlule nalapho akahehe amehlo eqembu lezimnyama.

Iqembu lasekhaya lihlasele zibekwa nje emdlalweni wabo lapho bebevakashelwe iqembu laseLimpopo iPolokwane City Fc, nalapho umdlalo uye ekhefini i-Orando Pirates FC isivalele enethini amagoli amabili. Igoli lokuqala livalelwe enethini umdlali osuka kuyo iPolokwane City Fc, u-Oswin Appollis akagcinanga lapho uphinde wakha igoli lesibili njengoba ewe ebhokisini. Unompempe akapholisanga maseko wavele walikhomba emlotheni, nalapho iphenathi ivalelwe enethini uPatrick Tito Maswangayi.

Ukudlala ngokuzimisela kuka Appollis kumenze waba umdlali ovelele wosuku kulomdlalo nalapho akahambe nezizumbulu zemali engu-R8000 nokuwumklomelo otholwa umdlali ovelele. Appollis ubonge kakhulu ozakwabo akade edlala nabo nathe yibo ababe umthelela wokuthi egcine ekwaze ukuthola igoli, ephinde akhe nelesibili nokuyinto egcine ibenze baphumelele ukudlulele emdlalweni owandulela amanqamu.

Umqeqeshi we-Orlando Pirates Fc utuse kakhulu abadlali bakhe ngokuhlala eqhingeni labo umdlalo uqala kwaze kwaba ukuthi kuyiwa ekhefini. Ouaddou uthe isu labo bekuwukuhlasela zibekwa nje kuze kube wukuthi bayawathola amagoli abawafunayo, nokuyinto ezikaMagebhula zivele zagxila kuyo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *