INYUNYANA YOTHISA ISADTU ITHI YONA IYI ANC.

Inyunyana yothisha enyakatho nesfunda saeGauteng,iwahlabe yawahlikiza amalungu ayo okubonakala egijima neqembu elisha kuleli elaziwa ngoMkhonto Wesizwe iMK neliholwa ngowayengumungameli wakuleli ubaba uNxamalala, nelitshengisa ukuba nesasa ebantwini abaningi bakulelizwe.

Encwadini ebhalwe mhla ziyishumi nesthupha kuNhlolanja 2024. Obeluseqhulwini usihlalo wegantsha okufhiwa ubonakala ehla enyuka ekhankasa noMkhonto wesizwe, esifundazweni saseGauteng.

Ecwadini bathi bakubonile ukuthi usekela sihlalo egatsheni uMbuso Ndlovu usenobulunga benhlangano MK, okuyinto ebashiya bebambe ongezansi ngoba inqubo mgomo yenyunyana ayivumeli ukuthi umuntu oyilunga aphinde abe neskhudla ukuthi azihlanganise nenye inhlangano engasilo idlelandawonye neCosatu.

Bathe umthetho sisekelo weSADTU kanye nesivumelwano abasenza enkomfeni yabo ka2010 iyakucacisa ukuthi amalunga enyunyana SADTU ayiseka iqembu le ANC okhethweni lukazwelonke nasokhethweni lwezifunda.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *