Umunye ukhomba omunye ehlweni nomunye uvikela ihlo lakhe phakathi kosaziwayo bakuleli okunguMakhadzi no-Oscar Mbo. UMakhadzi uzwakalise ukungenami ezinkundleni zokuxhumana ngesenzo esenziwe kuDj kaOscar Mbo, emcimbini wasesifundazweni iFree State obanjwa njalo edolobheni laseBloemfontien obizwa ngeMacufe.
Lomcudli ongundabamlonyeni kuleli kokunqoba izindondo eziseqopheleni eliphezulu ezwenikazi, ukhala ngokubanjwa ngophondo nguDj kaMbo. Nalapho akathi bakhiphe iUSB yakhe esacula esiteji nokwenze ukuthi engabe esakwazi nokuqhubeka acule. KuX ubhale waxolila kubantu baseBloemfontein ngokucula imizuzu engamashumi amabili kuphela. Wathi akazi noma bekuyindlela yokufuna ukubukwa kwethimba likaOscar Mbo ngalesenzo sabo, wathi lokwenza kwabo kuwukuhlanya ngoba phela abantu suke bekhiphe izimali zabo ukuzojabula. Wathi ukuziveza kungenziwa ngaphandle nje kokunyathela amakhona abanye abantu.
No-Oscar Mbo akapholisanga maseko waphendula ekhasini lakhe kuX, ethi akazi nokuthi athini ngalezinsolo akabekwa zona ilentokazi yaseLimpopo. Okokuqala nje lentokazi ifike emcimbini sekudlule iskhathi sayo. Okwesibili yangena yacula esikhaleni ebesibekelwe ukuthi sizocula yena kodwa ebe ekhona ngoba yena besefikile ngehora lokuqala, kuthe selizophela kungene elesibili ihora kwangenaMakhadzi wacula laze lacishe lagamanxa ihora lesibili ngoba besekusele imizuzu eyishumi ukuthi ligamanxe. Uthe akekho umuntu oke wakhipha lentokazi noma ocimi umculo wayo ayiyeke ukusenga ezimithiyo.