Inhlansi Yethemba Lokubuya Kwababhajwe eRussia.

URamaphosa no Putin ngesivumelwano sokubuyisa abantu baseNingizimu Afrika abayishumi nesikhombisa(17) abazithola sebengene shi empini ephakathi kweRussia ne-Ukrane ngonyakodlule kanti babethathwe ngesithembiso sokuyoqeqeshelwa ukuba onogada abasezingeni eliphezulu.

Lesibophezelo sokuthi babuye senzeke ngeskhathi kube nengxoxo ngocingo phakathi kwabaholi ababili, labaholi badingide ngokukhungatheka kwabantu baseNingizimu Afrika ngesimo salabantu.

Izihlobo zalala abayi 17 bathi abantu bakubo baluthwa bathenjiswa ukuyoqeqeshelwa ubunogada, nokwaholele ekutheni befulathele elakuleli bebhekise amabombo eRassia ngoNtulikazi wanyakenye.

Kodwa okwaba yindida bathi sebefikile baphenduka amasosha empi lapho bagqisha ohlangothini lwaseRassia bayolwa ne-Ukrane, nalokho okwakhulisa itwetwe lokusabela ukuphepha kwabo kanye nethemba lokubuyela ekhaya.

Oyiskhulumi sikaMongameli wakuleli uVincent Magwenya uthe uPutin no Ramaphosa baludingide kakhulu udaba lwempi eqhubeka ezwenì lase-Ukrane baphinde babheka nezindlela eziphusile zokuqeda ukungaboni ngaso linye phakathi kwalamazwe alwayo.

Igxoxo yalaboMongameli ibe isihlabela mgamu lapho besebedingida ngibudlelwane bezokuhwebelana kanye nokubambisana phakathi kweNingizimu Afrika kanye neRassia abangamadlela ndawonye eqoqweni lamaze iBRICS kanye nohlu lweG20.

UMagwenya ube esenezelela ngokuthi zombili izinhlaka zalamazwe zizoqhubeka ngokuzibophezela ekutheni kugcine kuphume isisombululo, sokubuyiselwa kwabantu bakuleli bephephile futhi bengenamyocu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *