Sekwenzeke isimo ezishaqisayo lapho kuginqika ibhasi esifundazweni saKwaZulu-Natal(KZN) ogwini oluseNingizimu, lengozi esiholele ekulahlekeni kwezimpilo zabantu abathathu kwase kuthi abanye abangamashumi amabili 20 balimala kabuhlungu. Lenhlekelele yenzeke emgwaqeni uthelawayeka obizwa ngoN2 eduze ne Elysium, nokushiye umphakathi wakulendawo ubambe ongezansi kanye nakubatakulu bezingozi.
Ngokombiko kwabazibonele bukhoma lengozi, bathi ibhasi iphumile emzileni ebihamba ngawo,yaphaphalaza yashiya umgwaqo lokho okuholele ekutheni iphenduke iginqike. Lokho okugcine kwenza isbhicongo esidlule nemiphefumulo emithathu, kwathi abangamashumi amabili bathola ukulimala kabuhlungu.
Abezimo eziphuthumayo nabaziwa ngeKwaZulu Private Ambulance Service bafike ngokuphazima kweso kulesigameko,nalapho iqembu labo liphuthume ukuhlenga abalimele bebanika usizo lokuqala. Lokho kwenze isimo sangaba manzonzo ngoba abahlengikazi banikezele ngosizo lokuqala kwabaludingayo baphinde babheka ezihlalweni zebhasi ukuthi abekho yini abacindezelekile ezihlalweni nangaphansi kwebhasi.
Imbangela edale ukuthi kugcine kwenzeke lengozi ayikaziwa kodwa abaphenyi sebeluqalile uphenyo lokuthola kahle unobangela walenhlekelele. Njengamanje kusagcwele amahemuhemu ngoba khona abathi isimo somgwaqo besingalungile,abanye bathi iphutha lomshayeli, noma belingaphilile lona ibhasi uqobo kodwa imibiko egcwele neqondile izotholakala uma abomthetho sebelihlolile ibhasi .
Lengozi eshaqisayo yenze abantu abaningi bakhumbula ukubaluleka kokuphepha emgwaqeni nokuthi ngaso sonke iskhathi kumele kugcinwe imthetho yomgwaqo,nabashayeli beshayele ngokucophelela njalo. Ukulahleka kwemiphefumulo yabantu kanye nokulimala kwabanye ngeskhathi sengozi kuyimiphumela yokunganaki kanye nobudedengu obuba semugwaqeni.
Imibiko egcwele mayelana nalengozi yebhasi eyenzeke ogwini oluseNingizimu neKZN ima isazokhishwa,nalapho kuyobe sekucaciswa ngembangela yengozi nesibalo esigcwele sabadlulile emhlabeni. Okwamanje uphenyo lwabaseshi lusaqhubeka,kanye nabalahlekelwe izihlobo zabo bahleli emanzini bazoqhubeka namalungiselelo okubafihla.