Ingonyama yamaZulu ituse ukubonga ezihambelini zayo ebezivela ezindaweni ezahlukahlukene zizobungaza umkhosi wezintombi zesizwe samaZulu. Lomkhosi womhlanga osunemnyaka engamashumi amane ugujwa minyaka yonke eSgodlweni saseNyokeni kwaNongoma, kodwa kulokhu bubanjwe okokuqala ngqa eSigodlweni saseMashobeni eNyakatho nesfundazwe sakwZulu endaweni yasoPhongolo.
Isilo sibonge nabaphathi bomkhandlu waseMkhanyakude ngokuba besingathe ngenkulu impumelelo obuseSgodlweni saseMachobeni eMkhanyakude. Ube esetusa kakhulu izintombi ezazikhona eMachobeni kodwa zaphinda zabuya futhi zabakhona emkhosini wesbili waseMashobeni . Nondlunkulu beSilo esikhotheme uMdlokombane akabashiyanga ngaphandle kodwa ubonge kakhulu ukuthi behlanganyele kanye naye kulomkhosi woMhlanga.
ISilo samabandla sibonge kakhulu ukusebenzisana okuhle phakathi kweNdlunkulu kanye nababusi besePolitiki esifundazweni sakwaZulu. Ubonge ukubambisana okuhle anakho phakathi kwakhe noNdunankulu wesifundazwe uMnumzane Thami Ntuli kanye namakhansela onke angaphansi kwemikhandlu ethintekayo ekuhleleni umcimbi wezintombi ukuze ube impumelelo. Ingonyama ayibushiyanga ngaphandle ubukhosi bakwaNgwane ngoba ibonge iNgonyama yamaSwazi ngokuthumela ibutho layo kanye nencosana yezintombi zakwaNgwane ukuba zizozimazisa emkhosini.
Okubalekile eNgonyameni kaZulu ukubingelela ngokukhethenkile inkosazane yakwaMjaji nathe isizwe sakubo siyibiza ngeNdlovukazi Yemvula ( Rain Queen). Bazokhumbula abaningi ngesonto elidlule kube nezithombe namavidiyo eSilo sigiya phambi kwayo leNkosazane yakwaMjaji, neyayivunule iconsa ngezimpaphe segwalagwala okuyizimpaphe ezigqame kakhulu esizweni sakwaNgwane ezweni elingomakhelwane laseSwazini.
INgonyama yamaZulu ithe ingalwa kumamuke ikhanda nabantu abala nesizwe samaZulu, nalapho ephakamise okukhulu ukungenami ngomsakazi wezindaba wesizwe uSABC ngokulwa nokuhlanekezela umlando wamaZulu. Isilo sikhale kakhulu ngabahlaziyi bakwaSABC abahlale becindezela uZulu ngaso iskhathi uma ethola ithuba.
” Ngicela Zulu ukuba nginazise ngiyazi umsebenzi wami njengoba ngimi la, Ngeke futhi kubuhlungu ukuthi kungasuka enye indoda izotshela mina ngomsebenzi wami ukuthi ngiwenze kanjani. Iyakwazi yin ukuhlala lapha kunjani? Ayifundelwa lento engihlezi kuyo, ngeke uye eskoleni. Ngizovikela amasiko, nesizwe nomhlabathi kaZulu nakhu engikuzele nokuthi ngivikele lesisizwe, nazi izinto engizizele lapha emhlabeni mina. Ngizongena laphake bayekeni abahlasela umhlanga ngezindlela zabo eziningi sizobabona labo. Asizona iziphukuphuku siyababuka nje ayi ngoba singaboni siyabuka siyabona sithule sisababuka ukuthi benzani. Okwesibili wezintatheli angizile ukuzozincengela mhlampe kini” uqhuba ngokuhleka iNgonyma
“Cha ngiyacela makuza emasikweni alesiSizwe khohlwa khohlwa ngiyosivikela lesiSizwe anginendaba ukuthi uwubani mina. Sinamasiko ethu thina esikholelwa kuwo nesiwahloniphayo. Niyangizwa bantu bamaTv namabezinkundla zokuxhumana? Anginihlaseli ningaze nihlasele mina cha anginazi nokunazi niyozibonela, cha laboTik Tok. Ake sibonisane bantu bomabonakude uma nifuna ukwazi ngamasiko ethu ningalandi ningalandi umuntu wesinye isizwe noma umuntu ongazi ngamasiko ethu, sikhona sibaningi ngoba sigcwele lana anisboni? Ningalandi umlungu noma nilande ….. ngoba khona la ngiya khona, kunamaZulu la (ubumbuka budalake) angamambuka. Uyake uthule ubuke uthi kanti lomuntubamthathephi okhuluma ngobukhosi bakhe kanje? Bese uSABC kade ngimkhuza ukuthimusani ukulanda lomuntu ezokhuluma ngezinto zobukhosi nesizwe ngoba manje ukhuluma umbhedo. Akalalelike uSABC angazi noma abangizwanga, nibezwe kodwa ningabalaleli”. Kuqhuba oNgangezwe lakhe.
”Angifuni ukucasuka ngoba izulu lingashintsha manje mina, sengikhuza okokugcina manje ngoba ngiyabona siyalimala ezintweni zethu siwuZulu. Uma nifuna ukwazi izinto ngathi ngokwesimanje ngiyaninika mina nansi iNdlunkulu ukhona umntwana waseZibindini nangu phambi kwenu, okwesibili iNdlunkulu yonke ikhona nami ngikhona, okwesithathu sengibiza amagama sengingena emagameni manje angisho ukuthi bese nihamba niyobahlasela labantu. Ningizwe kahle niyamazi uProfesa Maphalala? Isthandwa sami eskhulu ngoba uyalwazi usiko nendlela yokuphila ngimi laphanje uyilokhu okuthiwa i-advayza yami uProfesa Maphalala weSABC animlandi ngani uProfesa Maphalala? Animlandi ngani uProfesa Ngubane eUKZN animlandi ngani? Abazi ngobukhosi nangesiko likaZulu abafundile emaNyuvesithi aphezulu anibalandi ngani, ukhona OT Nxumalo animland ngani?
Nigijima niyosilandela lomquba owuMusa Xulu ukuthi ezokhuluma ngathi, nisibulalelani siphila? Ngiyanikhuza SABC uMusa Xulu lokhu ngangena esuhlalweni nje umelene nami ngithi cha kulungile uma elwa nami kodwa Zulu kunento okufanele niyazi, umuntu uma ethuka mina usuke ethuka nina uqobo lwenu, uMusa Xulu idegree enjani ehamba ithuka abantu izizwe hheyi the nations are angry, we are angry, we will do anything to protect and preserve our cultures do you understand? Nina beSilo angizile ukuzothetha noma ukuzokhuluma ngabantu, uMusa Xulu yena impela enhlizweni yami akamuhle. Ngiyacela makuwukuthi abangani bakhe bakhona lana hambani niyomtshela. Ukhona umgangela makuwukuthi ungifuna endukwini ngingaya endukwini mina ningibonile ngigiya ?” siqhuba amancoko iSilo
“Ngoba phela umuntu ulungiswa ngenduku mengezwa, sazi lokho thina kwaZulu sibadala singaka nje siyaphila siqondile siyahlonipha sashawa. Ingange engashawa iyedelela. Cha nina beSilo zintombi zami ngizonikhumbuza ukuthi isami ngamagama enkehli imina boyfriend wokuqala, uma benifuna bazonithola kima la ngimele lokhoke. Naze nabahle ngiyanithanda niyezwa! Umcimbi wenuke lo dlalanike ngoyathokoza kakhulu Zulu omnyama iNkosi inibusise” iSilo sivala inkulumo yaso ngamancoko ezintombini zeSizwe .