UMduduzi Trevor Mnisi oneminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalolunye (39) ubudala ungene ebhokisini leMantshi ezimoyizelela okutshengisa ukuthi akazisoli nakancane ngesenzo sakhe. UMnumzane Mnisi uvele eNkantolo kaMantshi eRoodepoort, mayelana necala akasolwa kulo ngokubulala intombazane uLukhanyo Fose obeneminyaka eyishumi nane(14), lomntwana befunda ugrade8 eskoleni Ikusasalethu Secondary esiseBraamfischerville, Egoli.
Lapho ummeli wakwa Legal Aid u-Asanda Qwabe uveze ukuthi umsolwa wake waboshwa ngaphambilini ngonyaka ka-2007 ngamacala amataniswa nokuzama ukubulala kanye nokubamba inkunzi kuhlonyiwe. Konke lokhu kuvele eNkantolo aMantshi yase Roodepoort namhlanje ngoLwesithathu, 11 June 2025.
UMnisi wathathwa abakwasidlodlo ngoMsombuluko Ukuyomhloma ngemibuzo mayelana nokulahleka komntwana, nalokho okwaholelwa ekutheni egcine esekhalelwa amasongo kasgonyela. Nakubake kulelisonto kubatshazwa ukubanda ezweni lonke lase Ningizimu Africa, ummeli ukhale ngokuthi umsolwa akanikwanga mbhede nezingubo zokulala belokhu eqhuqhwa ngamakhaza lapho abekade evalelwe khona ejele laseKrugersdorp.
Icala lihlehliselwe umhlaka 18 July 2025 ukuze kuzoqhutshekwa ngophenyo kanye nokuzwa ukuthi inkosi enkantolo iyamnika yini ibheyili.
Umphakathi wasendaweni lapho kutholakale khona isdumbu sentombazane okuyiDurban Deep, uwotha ubomvu ngoba befuna ukuzibambela ngokwabo leselelesi, abanye bathi inkantolo ingalinge imunike ibheyeli kumele ebolele ejele ngesenzo sakhe asenzile sobulwane. UMnisi kusolakala ukuthi wayibulala ingane waphinde wacuya nesitho sayo sangasese ngoba isdumbu sitholakale sesingenaso. Umzimba kaLukhanya Fosa utholakale ngomhlaka 02 June 2025.
UFose wayeshiye ikhaya lakhe ngomhlaka-31 Meyi 2025 futhi akazange abuye. Unina wabikela umfowabo, owayelale esihlotsheni sakhe ngoLwesihlanu, 30 May, ngemuva kokuphuma emsebenzini. Lapho efika ekhaya, isihlobo sabona umyalezo ovela egruphini ylomphakathi wokuthi kutholwe isidumbu sentombazane encane. Waya endaweni yesigameko wacela ukubona isidumbu wathola kabuhlungu ukuthi ngekadadewabo omncane ngempela.