INGANE ENEMINYAKA EYISHUMI NANTANTU 13 IBOSHIWE EMVA KOKUDUBULA UTHISHA OMKHULU.

Namhlanje ekuseni amapoyisa bophe ingane eneminyaka eyishumi nantathu 13 ubudala kulandela ukuthi idubule uthishomkholu esikoleni efunda kusana. Ngenxa yeminyaka yomsolwa igama lakhe angeke lidalulwe ngenhloso yokumzikela.

uThishanhloko oneminyaka engamashumi amahlanu nanye ubudala ube esephuthunyiswa esbhedlela sendawo khona ePrimrose. Nakuba ingaziwa imbangeka yokuthi lengane ize ifike esigabeni sokudubula uthisha, kodwa bonke othisha kanye nabafundi kulendawo basashaqekile ilesigameko.

Amaphoyisa aseqale uphenyo olunzulu ngembangela yokuthi lomntwana egcine esedubula uthisha,nokubheka ukuthi esikabani lesbhambu ebesiphethwe ilomntwana futhi usithole kanjani, ingabe sinawo yini amacala okubulala kanti sona sisemthethweni yini? Lomgulukudu wengane kulendeleke ukuthi evele enkantolo yaseGermiston Magistrates ngecala lokuzama ukubulala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *