Isihluku esinyantisa igazi esenziwa ubaba wengane yomfana lapho akayishayisa okwesilwane kodwa yena ethi uqondisa igwegwe enganeni. Izolo ngeSonto lo mhlaka 14 May 2024 abezokuphepha bapunsuzelwe izithombe zomfanyana oneminyaka eyishumi nantathu 13 ubudala ezivusa umunyu ngendlela adwetshwe ngakhona induku. Abemthombo ethembekile bathi lesenzo sokushawa kwalengane kanzima kanje lokho saqala lomfane eseneminyaka emibili nje vo ubudala.
Okuthe uma ingede iqubeka nezindaba yaveza ukuthi lomfanyana ngathi akazalwa ilomama ngoba kunemibiko yokuthi unina yegazi womfana kade washona futhi washonela emazweni angomakhelwane naleli lase Ningizimu Afrika. Lokho okwaholela ekutheni ekhuliswe uyise kanye nomama wakhe ongasiye owegazi.
Abomthetho babe sebelandela umkhondo befuna lapho okuhlala khona lomndeni walomfana, nebala umkhondo ubaholele endaweni Ebizwa ngeTrenance Park ekhona lana esifundazweni saKwaZulu-Natal. Bathe mebefika kulomuzi kwavela owesifazane ozazise njengomzali walengane yomfana, okuthe bakuqhubekwa nokuthi efakwe imibuzo wakuqinisekisa ukuthi uyena unina owazala lamntwana ngoba uze wagcina ekhopha izitifiketi zomntwana ezikhombisa ukuthi uyena umama wengane nqo. Ube eselandisela abomthetho ukuthi umndeni wabo udabuka kwaBulawayo eZimbabwe kodwa lokho bafudukela kulelizwe ngo2015.
Uthe esebuzwa ukuthi uphi umkhwenyana wakhe, uthe lokho wabaleka emva kokuthi kufike osonhlalakahle emzini wabo bezobheka isimo sengane emva kokuthola imibiko yokuhlukunyezwa komntwana. Unina wengane ube esechazela abomthetho ukuthi ingane ayihlukumezwa kodwa uyise uyishaya ngenhloso yokuqondisa igwegwe futhi yena akayiboni inkinga uma umzali eshaya ingane yakhe uma yonile. Naye uqhubeke wasola ingane ngokuhlupha waphinde wala waphetha ukunika abomthetho imniningwane egcwele ukuthi ngabe umkhwenyana wakhe ucashephi.
Unina wengane uthe ingane bayihambisa ezihlobeni zabo emva kokuthi kufike osonhlalakahle bezobheka ingane ehlukunyenzwayo. Kubikwa ukuthi naseskoleni ebifunda kuso yagcina ixoshiwe lengane ngenxa yokungayi njalo eskoleni. Kubikwa ukuthi ibithi uma ishawe kakhulu ilimele ivalelwe endlini ingayi ndawo ize iphole neskole singabikelwa lutho ngokulova kwengane, nokwadala umthelela wokuthi ixoshwe eskileni.