Indoda yasebhayi esolwa ngokubulala umkayo ivele enkantolo ngobuxhakaxhaka besmanje ngenxa yokusabela ukuth ingacela empunzini.

Owayenguthisha kwesinye sezikole zamabanga aphakeme kwelaseBhayi (Greberha) osolwa ngokubulala owayengunkosikazi wakhe okungu Desiree, maqede emgqibe emgodini wokuhamba amanzi ngenhloso yokumfihla uyavela namhlanje enkantolo enkulu yaseGqeberha ngokuxhumana kwesimanje manje okuyi (virtual appearance) ngolimi lwamangisi.

Lomsolwa okungu Jonny Baartman oneminyaka engamashumi amahlanu nesishiyangalolunye obudala osolwa ngokukhaphela owayengunkosikazi wakhe uDesiree Baartman oneminyaka engamashumi amahlanu neskhombisa kwelingafelwa nkonyane. Lo mlisa mumbe enkantolo akavele kuyo abantu bebengangezimpethu zendlovu lapho kuhlanganisa izingane zabo kanye nomndeni wakhe wonke, lapho ubekwe amacala ahlukahlukene okwelokubulala nokuzama, ukukhohlisa ingalo yomthetho kanye nelokufihla bonke ubufakazi.

Inkantolo imnqabele ibheyili lokho kusho ukuth usazothothoza ezikhindini iskhathi eside ngenxa yokungathembeki emthethweni. Ngokwabameli bakamsolwa okuyi Qhamani Sinefu of Kuban Chetty Attorneys umlisa uzimisele ngokugeqa amagula ngenxenye yakhe akayaziyo ngaloludaba. uSinefu ongumleli kamsolwa uthi klayente lakhe selike lazama ngisho ukuziyisa kwagoqanyawo ngokuthi lizisike ezihlakaleni, nalapho okuholele ekutheni abaphathi basejele belihlalise lodwa eSt. Albans prison. Uphinde wacela ukuth besize umnumzane Baartman ngemishanguzo yakhe yezifo zamahlala khona okuyisifo senhliziyo nesokuvaleka kwemthambo yenhliziyo ekhona lapho ekhulukuthu belu. Ongumshushisi uMeleni Hammett utshele inkantolo ukuth ngokumbiko kadokotela wasesbhedlela Livingston uBaartman uphola kahle ezihlakaleni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *