INDODA EKHANDE ENYE NGAMATSHE YASHONA KULINDEKEKE UKUTHI IVELE ENKANTOLO KUSASA.

Indoda yasePolokwane eneminyaka engamashumi amathathu nanye 31kulindeleke ukuthi ivele enkantolo kaMantshi yaseMoreneng ngoLwesine mhlaka 29 kuNhlolanja 2024,ngecala lokushaya omunye umlisa ngamatshe waze washona. Lendoda ikhande enye indoda engaziwa ngamatshe eBatlokwa ngoLwesibili ebusuku, 27 kuNhlolanja 2024.

Lendoda yaboshwa ngalo usuku lwesehlakalo emvakokuthi ishaye lendoda eyayifica egcekeni lakubo eGaMakgota,eseLetjatjane Village. Yafike yambuza kwabakubo bathi abamazi wase emshaya ngamatshe waze washona. Kwabe sekufonelwa amaphoyisa nabosizo lokuqala ukuthi bephuthume endaweni yasigameko.Ukufika kwamaphoyisa nabosizo lokuqala bathola ukuthi lomlisa ushonele khona endaweni yesigameko okwadala ukuthi kuboshwe umsolwa khona lapho ekhaya kubo.

Amahlebezike athi lendoda ebulele bisola umufi ngokuthi uyishende likanina ngeskhathi emfica ekhaya kubo nalapho eyathatha khona isinqumo sokumyisa kwagoqanyawo. Ngokukanina walensizwa ewumbulali,odayisa amathambo enkomo endaweni uthe umufi ubeyikhasimende lakhe elikhulu ngoba uhlale ethenga kuya njalo hhayp ukuthi bayashendezana naye. Umufi ulinganiselwa emnyakeni engamashumi amane 40 nalapho befake osiyasebenza abamhlophe. Umphathi wamaphoyisa esfundazweni uzwakalise ukudumala kwakhe ngokubulawa komuntu ngesihluku esinje.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *