Aphinde agale phansi ngokukhala uKhanyisile. Akusezwakali namsindo otheni manje. Nezwi leli selize lasha, sekuyisihosho nje. Kufanele nokho,kudala esikhihla esikaNandi. Useze wabomvu ezihlathini nje bandla. Umoya ushubile lapha endlin, sengathi ungavele uwubambe uwuthi ngqi ngesandla noma uhambe phezu kwawo kodwa ungaweli phansi. Nonina usemthulise waze wakhathala imbala. Kuyo yonke imizamo yakhe yokumthulisa kubonakala konke kunhlanga zimuka nomoya. Ngaphandle kwezi elihoshozayo likaKhanyisile njengoba ekhala, kuthulekile kuthe cwaka nje lapha endlini. Yiwashi elisodongeni nje kuphela elilokhu libelesele lincinciza sengathi libabaza ukushuba komoya okulapha endlini nengwadla ababhekene nayo laba abesifazane ababili.
”Kodwa Khanyi, mntanami, uthi angiphuphi? Uthi lento oyishoyo uyisho ngobauqinisile ngempela noma udlala ngami nje?” Athule nje angaphenduli uKhanyisile. Selokhu ekhalile sengathi kwalona leli wathatha lemibuzo kanina limlethela umunyu nemvula yezinyembeziphezu kosizi oluvele lumqalangile. Mhlawumbe nakho lokhu kubuzwa iwathatha lemibuzo enempendulo eyodwa, kuyamthunuka enhliziyweni.
”Uthi uyihlo wayengayenza kuwe ngempela into enjalo mntanami? Wayenza ngempela pho, Khanyisile? Ekuzala pho! Uthi ngikuzwa kahle kodwa?” Kube sengathi usebuthongweni uyaphupha ngempela umaKhoza ngesikhathi esho la mazwi. Kwakungathi uqeda Kuyizwa yize nama kwase kuphele cishe ihora lonke indodakazi yakhe iyibhadlazile lendaba. Walinikina elinikinile ikhanda wena owabona inkukhu izithintitha kade ithelwe ngamanzi inganakile. Wake wakhi ukuzenwaya izindleba zakhe ukuthi kokunye mhlawumbe yisigonogono esenza angayizwa kahle indaba exoxwa yindodakazi yakhe. Wayede ezulazula nendlu yonke sengathi ikhanda lakhe alisathathi kahle. Izindebe zilokhu zinyakaza kodwa kungaphumi zinhlamvu zamazwi emlonyeni.
Kodwa umyeni wakhe wakwenza ngempela lokhu? Wakwenza ephile kahle? Le mibuzo sekuneziwombe eziningina impela eyibuza. Impendulo ayitholayo yinye ngazo zonke izikhathi. Uma ecabanga ngale mpendulo umzimba wakhe wonke umane uthuthumele, ugcwale uhlevane okwenkukhu iqhuthiwe; kugcwale amanziesiswini, kushayisane amadolo kube yinqaba. Ngaphezu kwalokho kuvelekugcwale inkungu yokudideka nokungakholwa engqondweni yakhe. Angazi ukuthi kufanele athini. Angazi nokuthi kufanele enzeni.
”Kunjengoba ngisho nje mama! Wangibulala ngiphila ubaba! Wangibulala, mama! Mama, mama mama! Nkosi yami kodwa ngoneni emhlabeni?” Kubesengathi ziqala phansifuthi lezo zinyembezi kuKhanyisile. Ikhanda leli seliqanse imithambo sengathi yisintambo zesiginci ziqhuthulwa ngabafana nezintokazi ezidlala izimfijoli zomculo.
(iyaqhubeka)