impela sonto enkulu eningizimu afrika ngoba kuzobe kubhaliselwa ukuvota

Abakwa IEC okuyinhlangano engamele ukhetho kulelizwe lakithi eAfrika eseNingizimu bakhethe lempelasonto yomhlaka 3 kuya ku4 kuNhlolanja njengempelasonto yokubhalisela ukuvota kulabo ababesalile bengabhalisanga ngokudlule. Bayanxuswa abantu ukuth bephume ngobuningi babo beyobhalisela ukuvota ukuze bezokwazi ukuth mhla sekuvotwa bekwazi ukuzikhethela uhulumeni ozobasiza ebasebenzele ukuqeda zonke izinto abakhala ngazo nezibahlesele njengezinga eliphezulu lokungasebenzi kwentsha nobugebengu obubhidlangile ezweni kanye nentsha ecwile ezidakamizweni.

Uma uyobhalisela ukuvota udinga umazisi wakho nekheli lalapho ohlala khona ukuze uzobhalisela endaweni ohlala kuyo okwilapho oyovotela khona. Ngokwenhlangano yokhetho iIEC kubalulekile ukuthi uye eskhungweni uyobheka igama lakho uma ujwayele ukuvota kulesoskhungo nomake ushinste indawo hamba uyobhalisa endaweni entsha osuhlala kuzo ukuze ungadibani nezimbila zithutha ngosuku lokhetho

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *