Akesibheke Ubuhle Uma Bukhona Nobubi Bemixovo Yabantu Befifazane.
Esikhathini samanje izinto eziningi ezinhle nezimbi sezenziwa umachangca konke kube sobala okwezinqe zikagoboyi. Inkezo kaZulu namuhla ibheka ngento edume kakhulu yabantu besifazane abayibiza ngemixovo. Lapho suke becobelelana ngolwazi lwezinto ezinhle kanye nezinto ezimbi nezingabadalela ubungozi ukuhamba kwesikhathi empilweni yabao kanye neyabalingani babo.
Singekuphike ukuthi eskhathini samanje sekuyivelakancane ukuthola umuntu wesifazane oziphethe kahle nongasiyo inhlaliqoma. Kulokhuqoma okuningi baye becebisane ngezinto abakholelwa ekutheni zivala ikhekhe ziphinde zilishisise libe mnandi ukuze lizobamba indoda ingafuni ukumshiya noma ngabe unamaphutha lezinto bazibiza ngemixovo.
Iyini Imixovo Yabesifazane?
Lezinto zemixovo zihlukene kaningi kakhulu futhi ngeke uze uzibale zonke noma ngabe uyathanda ngoba usuku nosuku bavela nokusha njalo abasuke bekubabaza ngaleso sikhathi. Ukubala nje okumbalwa esithe uma senza ugcwaningo sazithela kukhona. Isinemfu (Nsu): Isinemfu sikhule sazi ukuthi ugwayi wamakhala nakhona osetshenziswa abantu abadala ogogo noma izangoma. Muvanje sebewufaka esithweni sangasese bathi ukhuphula isitofu sibe ku6 lokho kusho ukuthi uma besisebenzisile umuntu ushisa kakhulu abe mnandi enkonzweni yasekamelweni. Idrink Stone noswidi iHalls Emnyama: Okunye okuhlanganiswayo kuxovwe kuphuzwe nakho kuthiwa kudlala indima enkulu ukumenza umuntu wesifazane avuthe umlilo ekamelweni. Ugogo Tshitshi: Wona kuthiwa nawo uyashuthekwa esthweni sangasese ngenhloso yokunciphisa imbobo yesitho sangasese kuthiwa noma ngabe umdala kanjani kodwa uphenduka ingane encane itshitshi uqobo. Ugreen Papper: Nawo kuthiwa kunohlobo thizeni lwawo oludliwayo ukuze uvaleke thaqa ekhekheni nomuntu osuke ulele naye ebabaze ukuba mnandi kwakho kanti lutho eluthela kuxoviwe.
Ubungozi Bemixovo Yabantu Besifazane.
Akesibheke ukungozi kubobonke ubululi emva kokulala nomuntu oxovile.
Kubantu Besilisa Uma belele Nomuntu oXovile
Noma indoda kade izwe ubumnandi kodwa imiphumela ayibi mihle ekuhambeni kwesikhathi. Kubikwa ukuthi uma ulale nomuntu ofake isinemfu emva kwezinsulu umula amaqhuqhuva abuhlungu anobomvu esithweni sakho sangasese. Kanti uma ulale nalaba abafake okokuvala inkomo kanye nokokuyomisa nabo bayabalimaza ngokuhlibika okugcina kwenza kube lula ukuthola izifo ezithelelana ngokocansi.
Ubungozi Bemixovo Kubantu Besifazane
Kubikwa ukuthi incono imixovo ephuzwayo ayinabo ubungozi obukhulu kubantu besifazane. Okuyingozi kakhulu ilokhu okushuthekwa esithweni sangasese njengesinemfu kubikwa ukuthi singadala umdlavuza wesibeletho kanye nezinye izifo eziyamanuswa nesinya. Lokho kokuvala thaqa kungamlimaza abe nereshi ezindebenzi zekhekhe kuphinde kumungenisele kalula izifo ezitholakala ngocansi.