Ilivumile Icala Lokubulala Uyise Indodakazi.

INkantolo eNkulu yasePolokwane igwebe uMologadi Magdeline Mehlape (28) ngemuva kokuvuma icala lokubulala ngesihluku uyise, uDkt Malekutu Johannes Mehlape, owayeyiMenenja Yesifunda eMnyangweni wezeMfundo eLimpopo. Isigameko senzeka mhla zingama-28 kuZibandlela wezi-2023 emzini kamufi eMankweng Zone 1, ngaphandle kwasePolokwane.

UMehlape walahlwa yicala ngokwesigaba 112(2) seCriminal Procedure Act 51 ka-1977 ngamacala okubulala nokugebenga ngezimo ezimbi kakhulu. Inkantolo imgwebe udilikajele ngecala lokubulala kanye neminyaka engu-15’ ebhadla ejele ngecala lokugebenga, nezigwebo zizosebenza kanye kanye.

Abanye abasolwa abane, uTshepo Gabriel Ranoto (34), Hlologelo Klaas Mogotlane (34), Mahlodi Melida Mathole (34) noMichael Sello Molongoane (42) bavele kanye noMehlape. Babhekene namacala okwakha itulo lokubulala, ukubulala, ukugebenga ngezimo ezimbi nokutholakala nesibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni. Icala lalaba abasolwa lihlukene lahlehliselwa umhla zingama-20 kuNhlangulana wezi-2025 eNkantolo eNkulu yasePolokwane.

Inkantolo ilalele ukuthi uMehlape, oyindodakazi kamufi, nguyena owahlela ukubulala kulandela izinsolo ezenziwe ngumelaphi wesintu, uMogotlane (Accused 3), osola ukuthi uyise nguyena onecala ngokufa kukanina esebenzisa igama elithi “muthi”. Lapho imizamo yokuziphindiselela ngokusebenzisa izindlela zendabuko ibhuntsha, uMehlape wacela usizo lwamalungu omndeni ahlukene ukuze aqashe umbulali wenkontileka, wavuma ukukhokha u-R200,000 ngokubulala.

Ngobusuku besigameko, uMehlape wavula isango nomnyango omkhulu, wanikeza abenzi bobubi ithuba lokungena endlini. Umufi uhlaselwe ekamelweni lakhe elele, wadutshulwa amahlandla amaningi, waphucwa izinto eziningi ezibalulekile, okuhlanganisa nomakhalekhukhwini wakhe. I-double cab yakwaFord Ranger okukholakala ukuthi yasetshenziswa ngesikhathi sobugebengu ishaqwe ngesikhathi kuboshwa abantu eMankweng, kwatholakala isibhamu okusolwa ukuthi sisetshenziswe ekubulaleni ngesikhathi kuboshwa uZebediela.

Ekunciphiseni, uMehlape uxolisile emndenini wakhe, ephawula ukuthi ungumnakekeli oyinhloko wendodakazi yakhe enezinyanga eziyisishiyagalolunye ubudala futhi wayenezingxabano ezingakaxazululwa noyise. Kodwa-ke, u-Advocate woMbuso u-Muneiwa Ratshibvumo uthe ukuvuma icala kugqugquzelwe ubufakazi obuqand’ ikhanda kunokuzisola kwangempela. Uchaze ukubulala njengo-“onyantisayo futhi ongenanhliziyo,” enxusa inkantolo ukuthi ikhiphe isigwebo esincane esinqunyiwe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *