Lesi sinqumo siza ngemuva kokuhlulwa yiKaizer Chiefs ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithathu, okungezelele emzabalazweni wakamuva weqembu.
UTruter, ojoyine iNatal Rich Boys ekuqaleni kwesizini enethemba elikhulu lokuqeda iligi kwabane, uyahamba ngemuva kokuphatha imidlalo engu-11 kuphela kuyo yonke imiqhudelwano kanti njengamanje leli qembu lihlezi endaweni ka-14 esicongweni.
Ngaphansi kokuqondisa kukaTruter’, leli qembu lifinyelele kowandulela owamanqamu eCarling Knockout kodwa lahlulwa ngendlela eshaqisayo yiMagesi FC, okubikwa ukuthi ikhungathekise usihlalo weqembu uJomo Biyela.
“Asizange simxoshe umqeqeshi, nokho ngenxa yengqondo yethu, bekungcono ukuthi sihambe ngezindlela zethu ezihlukene ubuqotho bethu buphelele. Lo mqeqeshi akazange ahlangabezane nezidingo zokusebenza kule sizini, kusho u” Biyela etshela iSABCSport.
Phezu kwesithembiso sokuqala, lo mkhankaso awukafinyeleli obekulindelekile, nokwenze ukuthi ikilabhu ihlukane nomqeqeshi oneminyaka engu-52 ubudala.
Okwamanje, abasizi babaqeqeshi uRonnie Gabriel noSboniso Gumede bazohola leli qembu njengabaqeqeshi besikhashana, kuqale ngokuqhudelana kwabo namaZulu, kuze kuqokwe umqeqeshi ngokugcwele