KwakuyiSonto ngomhla zi08 kuNtulikazi 2018,amaphoyisa aseSteenberg,eNtshonalanga Kapa eya ebugebengwini obabenzeka emgwaqeni Komolosy, nabapho abafike bathola khona ingane enonyaka owodwa isishonile, emva kokuthelwa amachaphazelo okudubulana kwezigebengu okwakwenzeka kulomgwaqo. Icala labe selivulwa kuphiko lwamaphoyisa olulwa nobugebengu olwaziwa ngeAnti-Gang Units nalapho umseshi usayitsheni Hlaole Mmola wabe eseqala uphenyo lwakhe ngemininigwane owayeyithole kofakazi.
Emva kokulandelwa kophenyo olunzulu, kwabe sekuhlanganiswa lonke ulwazi olutholakele olukhomba umbulali. Usayitsheni Mmola esethole lonke ulwazi ngobunjalo balo kanye nobufakazi obabuphatheka wabe eselungiselela ukuthi icala lihlale enkantolo.
Kwathi sekwenziwa uphenyo ngo 2018 bonke abasolwa ababematan8swa nalelicala lokushona kwengane babanjwa abakwasidlodlo, nalapho babephephe izibhamu ezingekho emthethweni. Lokho okwenza ukuthi icala labo libe nesisindo kakhulu enkantolo. Kulolonke uphenyo olwalwenziwe ubufakazi babukhona bonke okwenza icala libe nesigqi enkantolo. Bonke lobobufakazi benzene inkantolo ibathole benamacala amaningi sibala elokubulala, nelokuzama ukubulala kanye nokutholakala nesbhamu esibgekho emthethweni.
Izolo ngoMsombuluko 19 February 2024, inkantolo enkulu yase Ntshonalanga Koloni igwebe Koeberg Anderson, Dilion Absolom and Ishmeal English odilika jele, kwathi uBrendon Beakers noVernil Simon’s bagwetshwa iminyaka engamashumi amabili bethithiza ezkhindiniyavala ngoEbrahiem Moosa yena othole ishumi nanhlanu leminyaka edonsa ejele ngakho ukubulala, ukuzama ukubulala, ukuphatha izibhamu ezingekho emthethweni kanye nokuhloma. Bonke babalelwe ekushoneni kwengane enonyaka owodwa nokungakulungeli ukuthi bengaphatha izibhamu.
Amaphoyisa aseNtshonalanga Koloni nabaphathi bawo basamukele isigwebo esikhishwe inkantolo, bathi siyizithelo zabo zokusebenza ngokuzikhandla nangokuzinikela emsebenzini wabo wokulwa nezigelekeqe. Babonga nabaphenyi abasebenze kakhulu ukuthola bonke ubufakazi obuholele ekutheni lemidlwembe igwetshwe.