Ubengumongameli wezwe laseNamimbia usedlulile emhlabeni kulandela ukugula obekumbambile, umnumzane Hage Geingod obengumungameli wezwe laseNamibia obeseneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nambili ubudala 82 udlule namhlanje ngesonto ezintatha kusa esbhedlela iLady Pohamba Hospital ekwinhloko dolobha yezwe iWindhoek lapho ebenonkosikazi wakhe nezingane zakhe eduze kwakhe. Ihhovii likamongameli labika emasontweni amathathu adlule ukuth uMongameli uhohlonzelwa umdlavuza nokuyiwona obumgulisa.
Obambe njengoMongameli ezweni laseNamibia uNangolo Mbumba ukhulumbile ekhasini lika Geingob kuFacebook. “Isizwe saseNamibia silahlekelwe umholi obezinikele kakhulu ukusiza isizwe sonkana, nomuntu owayeyisosha lomzabalazo, aphinde Abe yiqhawe nongiti ekwakhweni umthethosisekelo ezweni laseNamibia.”
“Njengamanje ngoba isizwe sisenhlungwini sicalwa ukuba sizithobe siphinde silile Kanye nomndeni okuyiwona osezinhlungiwini ezinkulu ngeskhathi samanje, ngalesoskhathi amalunga kahulumeni akhethekile azobe enza onkenamalungiselelo nemunye imicibilisho okudingeka yenzekile ngekwenqubo mgomo”.