ICAPE TOWN CITY ISIHLABANE NGOMDLALI WE LEICESTER CITY.

Iqembu lebhola laseKapa selishicilele emabhukwini aso umdlali obegijimele Iqembu lebhola laseNgilande iLeicester City. Lomdlali onguThakgalo Khanya Leshabelo oneminyaka engamashumi amabili nane ongowokudabuka esifundazweni saseLimpompo, edolobheni iSoshanguve.

Lensizwa izalelwe eLimpompo yase ikhulela kwelamaNgisi endaweni iNorthamton, nalapho akadlale khona ibhola kodwa ufike eqenjini leLeicester esemcane kakhulu ngoba ufike khona ngo2013 lapho abeneminyaka eyishumi nane 14 ubudlala okuthe ngoMasingana 2019 washicilela inkontileka esigabeni esiphezul kulo leliqebhu. Okuthe ngo2021-2022 wabolekiswa eqenjini Shrewsbury Town washaya amanqaku amathathu,ngonyaka 2022- 2023 yabolekiswa kwi Crewe Alexandra nalapho evalele ishumi lamagoli.

Lensizwa esencane edlala esiswini ibukeka inekusasa eliqhakazile kakhulu, nomake isizodlala lapha eNingizimu Afrika asthembe ukuthi izoqhakaza. Phela iligi yakuleli ithathwa njengamanye amakhulu ezwenikazi lase Afrika. Ngoba amaqembu akhona enza kahle kakulu emiqhudelwaneni yamaqembu esuke yenzeka ezwenikazi njengo CAF, yaphinda iBafana Bafana yagila ezibukwayo kwiAFCON ngoba iPhone emdlalweni owandulela amanqamu yaphinda yalala isithathu kulomncintiswano obuse Ivory Coast.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *