IBAFANA BAFANA ITHI KONKE KUMI NGOMUMO KULOMDLALO WABO ONAMHLANJE EBUSUKU

IBafana Bafana ithi konke kumi ngomumo ngomdlalo wabo nezwe lase Cape Verde namhlanje ebusuku lapho bezobe betholene phezulu kumkhumlajezi wendebe eyaziwa ngeAfrican Cup of Nations (AFCON), oyonqoba lapho useyodlulela esgabeni esandulela owamanqamu. Lomdlalo uzodlala ngehora leshumi enkundleni eyaziwa ngeCharles Konan Banny esendaweni eyaziwa ngeYamoussoukro, lomdlalo uzobe usakazwa kumabona kude nasemsakazweni yakwaSABC okuwuKhozi Fm, Mhlobo Wenene kanye neGwalagwala Fm kubabonakude uzobe ubonakala kuSABC1 kanye nakuSupersport 2 okwi DSTV.

Ngokusho komqeqeshi weBafana Bafana umnumzane Hugo Broos uthe yonke into ime ngomumo mayelana nomdlalo nakubake zikhona izinqinamba zokulimala kwamadlali okwilapho bebambe umoya ukuth koqala umdlalo beluleme lapho akabalule khona umdlali wasemuva oyisqonqwane uMthobi Mvala odlalela iMamelodi Sundowns kubikwe ukuth udonseke imsipha lokho okungaholela ekutheni engadlali uma kumuqinisa kanye noThemba Zwane okubikwa ukuth ube nokulimala naye ngesikhathi iqembu lizilolonga ngolwesine ntambama nalapho akathe umqeqeshi nodokotela engazilolongi izolo ukubheka isimo sakhe sokuthi uyalulama yini.

UHugo Broos ongumqeqeshi weBafana uthi ulindele umdlalo onzima kakhulu kulamaqembu kulandela ubunzima bemidlalo asebedlule kubo ukuze befike kulesigaba abakuso njengamanje kulomqudelwano. Uthi ulindele lukhulu kubadlali ngoba bezobhekana ne Cape Verde akayihlonipha kakhulu ngokudlala ngokuzimisela, nangokuzihlonipha uma isenkundleni iyakwazi ukuziqoqa lokho okubenza bebe nomdlalo omuhle ngendlela eyisimanga.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *