INDLELA ELULA YOKUTSHALA EMAKHAYA

Kubalulekile ukuthi uma uzogqumisa izithombo uthole umanyolo okuyiwona ozokulekelela kakhulu ukuthi izithombo zimile kalula. Kwabahlala emakhaya umanyolo wabo ulula kakhulu ngoba ukukha umquba esibayeni. Okumele ukugade emqubeni ukuthi uqinisekise ukuthi ukha lona osumdala kakhulu ngoba lona osemusha ungazishisa izithimbe zigcine zingamilanga.

Kulaba abahlala emalokishini noma abangafuyile nabo bengazenzela umanyolo noma indlela yakhona ithatha isikhathi eside. Okumele ukwenze uma uzozakhela umanyolo, thola ibhakede noma indishi evuleke ufake umhlabathi kancane bese ufaka notshani kancane uqoqe wonke amakhasi ezithelo nemfino ukubalula nje amakhasi kabhanana,olitshi,aphula, izinduku sesipinashi kanye nakho konke okuyizithelo nemifino. Uma usukufakile ufake futhi omunye umhlabathi ngaphezulu uvuvuzele amanzi kancane ukuze lezinto zizosheshe zibole bese zihlangana nalomhlabathi kukhande umanyolo.

Thola lelibhikisi elifaka amaqanda ulibhoboze ngaphansi ukuze mawuchelela amanzi engene edlule aye phansi, okubalulekile ngalelibhokisi nalo liyabola libe umhlabathi . Uzofakake lomhlabathi wakho ohlangene nomquba uwufake kulelibokisi lamaqanda ligcwale uma seligcwele thola uthi olucijile ukhande izimbobo kulomhlabathi lapho ozohlwanyela khona imbewu. Uma usufaka imbewu kulezimbobo ifake ngambili ukuze wenzela ukuthi enye uma ifa enye imile, vala lezimbobo ngomunye umhlabathi ungawufaki kakhulu. uma usuqedile thola ithini ulibhoboze izimbobo ezincane ngespikile bese uyachelela lokhu kusiza ukuthi amanzi ezngezi mawala nokungagcina sekubulala izithombo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *